Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 32:13 - IsiZulu 2020

13 “Anazi yini ukuthi mina nobaba senzani kubo bonke abantu bamazwe na? Onkulunkulu babo baba nawo yini amandla okusindisa izizwe namazwe azo esandleni sami?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Anazi yini ukuthi mina nawobaba senzeni kubo bonke abezizwe na? Onkulunkulu babezizwe babe namandla yini nakanjani okophula izwe labo esandleni sami na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Anazi yini lokho mina nobaba esakwenza kubo bonke abantu bakwamanye amazwe na? Onkulunkulu bezizwe zalawo mazwe babekwazi yini ukusindisa amazwe abo esandleni sami na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 32:13
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngezinsuku zenkosi uPheka kwa-Israyeli, uThigilathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, wahlasela, wadla i-Ijoni, i-Abhela Bhethi Mahakha, iJanowa, iKedeshi, iHazori, iGileyadi, iGalile nalo lonke izwe lakwaNafethali, wabathumba, wabayisa e-Asiriya.


Ngubani phakathi kwabo bonke onkulunkulu balezi zizwe ezabhujiswa ngobaba owayenamandla okusindisa abantu bakhe esandleni sami, okwenza nicabange ukuthi uNkulunkulu wenu nina uzonisindisa esandleni sami na?


Bakhuluma ngoNkulunkulu waseJerusalema njengonkulunkulu babantu bomhlaba abangumsebenzi wezandla zabantu.


Isandla sami sithole umcebo wezizwe; njengomuntu ebutha amaqanda ashiywe esidlekeni senyoni, nami ngiwubuthe kanjalo-ke umhlaba wonke. Akubangabikho lutho olwake lwathi nyaka, nolwathi nkente, nolwake lwathi tshiyo.”


Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.


Inkosi yathatha, yathi: “Angithi yileli Bhabhele elikhulu engilakhileyo ukuba libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami na?”


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


Kepha ngenxa yobukhulu amnika bona, bonke abantu, izizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; kwathi athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.


Kepha, niyabona futhi niyezwa ukuthi akusikho kuphela e-Efesu, kodwa cishe kulo lonke i-Asiya, uPawula lona usenxenxe waphendula abantu abaningi, ethi akusibo onkulunkulu laba abenziwe ngezandla.


Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe yinto engelutho emhlabeni, nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ