Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 31:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi ukuba kuphele konke lokhu, u-Israyeli wonke owayelapho waphuma waya emizini yakwaJuda, waphihliza izinsika, wagawula o-Ashera, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-althare wonke kwaJuda, kwaBhenjamini, kwa-Efrayimi nakwaManase, waze wakuqeda konke. Base bonke abantu bakwa-Israyeli bephindela emuva, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Sekuphelile konke lokho, u-Israyeli wonke owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphula izinsika, wagawula o-Ashera,* wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kwaJuda wonke, nakwaBenjamini, nakwa-Efrayimi, nakwaManase, waze waqeda konke. Base bebuyela bonke abantwana bakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi sekuphelile konke lokho, wonke u-Israyeli owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphahlaza izinsika, wagawula izihlahla, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kuwo wonke uJuda noBenjamini, kwa-Efrayimi noManase. Futhi, baze babashaya bonke ngesiqalekiso. Bonke abantwana bakwa-Israyeli babuyela, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 31:1
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izinsika, wanquma o-Ashera, wachitha inyoka yethusi eyayenziwe nguMose, ngokuba abakwa-Israyeli, kuze kube yileso sikhathi, babesashisa impepho kuyo; yayisibizwa ngokuthi nguNehushithani.


“Yena lowo Hezekiya akasusanga yini izindawo eziphakemeyo nama-althare akhe, wayala uJuda neJerusalema, wathi: ‘Niyakukhuleka phambi kwe-althare linye, nishise impepho kulo na?’


“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Bonke abantu baya endlini kaBhali, bayibhidliza, baphihliza ama-althare ayo nezithombe zayo. UMathani, umphristi kaBhali, bambulalela phambi kwama-althare.


Wasusa ama-althare abezizwe ezindaweni eziphakemeyo, wabhidliza izinsika, wagawula nezingongolo zo-Ashera,


Wenza okubi emehlweni kaSimakade, noma yena engafananga namakhosi akwa-Israyeli ayemendulele.


Niyokwenza kanje kubo: niyakudiliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, ninqume o-Ashera babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo.


Ungabakhothameli onkulunkulu bawo, ungahuheki ukuba ubakhonze, ungazenzi izinto azenzayo. Kodwa uyobabhidliza onkulunkulu bawo, ucekele phansi izinsika zabo zamatshe.


Entathakusa, izingelosi zamnxusa uLothi zathi: “Lo muzi uzobhujiswa ngenxa yobubi bawo, ngalokho wena phangisa uvuke, uthathe umkakho namadodakazi akho womabili, funa ubhujiswe nawo.”


Kepha niyobhidliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, nigawule o-Ashera babo.


Kepha uma nithi kimi: “Siyamethemba uSimakade uNkulunkulu wethu;” akusiye yini ozindawo zakhe eziphakemeyo nama-althare akhe uHezekiya akususile, wathi kuJuda nakulo iJerusalema: “Niyakukhuleka phambi kwaleli althare eJerusalema na?”


Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uyise uHezekiya ayezidilizile, wamisela uBhali ama-althare, wenza o-Ashera, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.


U-Asa wenza okuhle nokulungileyo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe.


Abasayukuwanaka ama-althare abo, umsebenzi wezandla zabo, abasayukuwubheka kulokho okwenziwe yiminwe yabo, o-Ashera nama-althare empepho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ