2 iziKronike 31:1 - IsiZulu 20201 Kwathi ukuba kuphele konke lokhu, u-Israyeli wonke owayelapho waphuma waya emizini yakwaJuda, waphihliza izinsika, wagawula o-Ashera, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-althare wonke kwaJuda, kwaBhenjamini, kwa-Efrayimi nakwaManase, waze wakuqeda konke. Base bonke abantu bakwa-Israyeli bephindela emuva, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE1 Sekuphelile konke lokho, u-Israyeli wonke owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphula izinsika, wagawula o-Ashera,* wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kwaJuda wonke, nakwaBenjamini, nakwa-Efrayimi, nakwaManase, waze waqeda konke. Base bebuyela bonke abantwana bakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20241 Kwathi sekuphelile konke lokho, wonke u-Israyeli owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphahlaza izinsika, wagawula izihlahla, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kuwo wonke uJuda noBenjamini, kwa-Efrayimi noManase. Futhi, baze babashaya bonke ngesiqalekiso. Bonke abantwana bakwa-Israyeli babuyela, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |