Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 30:5 - IsiZulu 2020

5 Bakhipha izwi lokuba kuthunyelwe umyalezo ku-Israyeli wonke, kusukela eBheri Sheba kuze kube kwaDani, ukuba beze, bazogcina iphasika likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli eJerusalema, ngokuba babengaligcinanga ngobuningi babo ebandleni, njengokuba kulotshiwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Benza isinqumo sokuhambisa izwi ku-Israyeli wonke kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani ukuba bafike, bamenzele uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iphasika eJerusalema, ngokuba babengalenzanga ebandleni njengokulotshiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Basebesenza isimemezelo sokuthi kumemezelwe kuIsrayeli wonke, kusukela eBherisheba kuze kufike kwaDani, ukuthi beze ukumenzela iPhasika i Nkosi uNkulunkulu kaIsrayeli eJerusalema, ngoba kwase kuyisikhathi eside bengalenzi njengalokhu lalisenziwa kubhaliwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 30:5
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abhrahama wavuka ngovivi, wathatha isinkwa nemvaba yamanzi wakunika uHagari, wayesemethwesa khona ehlombe, wamkhomba indlela benomfana. Owesifazane wazulazula ehlane eBheri Sheba.


Kwase kumenyezelwa kwaJuda naseJerusalema ukuba balethe kuSimakade intela uMose, inceku kaNkulunkulu, ayeyale u-Israyeli ukuba ayikhokhe esesehlane.


Lokho kwakulungile phambi kwenkosi nasebandleni lonke.


Kwakungakaze kwenziwe iphasika elinjengalelo, kusukela emihleni kaSamuweli, umphrofethi, kwa-Israyeli. Wonke amakhosi akwa-Israyeli ayengakaze aligcine iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabaphristi, abaLevi, uJuda wonke, no-Israyeli wonke bendawonye, nazo zonke izakhamuzi zaseJerusalema.


Ngonyaka wokuqala wokubusa kukaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kufezeke izwi likaSimakade alikhuluma ngomlomo kaJeremiya, uSimakade wavusa umoya kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba imemezele embusweni wayo wonke, futhi kulotshwe ukuthi:


Manje, nkosi, khipha isimemezelo, ulobe umbhalo ongenakuguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilena imikhosi kaSimakade emisiweyo engiyimemezelayo kini ibe yimihlangano engcwele, iyimikhosi yami emisiweyo.


“ ‘Nansi-ke imikhosi emisiweyo kaSimakade, imihlangano engcwele eniyoyimemezela kubo ngezikhathi ezimisiweyo:


Ngiyanibonga, ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, futhi nibambelele emfundisweni engayedlulisela kini.


“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”


Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ