Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 30:10 - IsiZulu 2020

10 Izigijimi zangena kuyo yonke imizi kwa-Efrayimi, kwaManase, nakwaZebuloni, kodwa babezihleka usulu, beziklolodela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Izigijimi zazilokhu zidlula emizini ngemizi ezweni lakwa-Efrayimi nelakwaManase kwaze kwaba kwaZebuloni; kepha bazihleka usulu, baziklolodela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Izigxobo zahamba umuzi ngomuzi zidabula izwe lakwa-Efrayimi nelakwaManase kwaze kwaba kwaZebuloni, kepha zawahleka, aziklolodela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 30:10
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha.


Izigijimi zaphuma nezincwadi eziphuma esandleni senkosi nasezikhulwini zayo, zaya kuye wonke u-Israyeli noJuda njengokwesiyalezo senkosi esithi: “Nina bakwa-Israyeli, buyelani kuSimakade uNkulunkulu ka-Abhrahama, noka-Isaka noka-Israyeli ukuze naye abuyele ensalini yenu ephunyuke esandleni samakhosi ase-Asiriya.


abanye balingwa, bajivazwa, bashaywa; yebo, baboshwa, bafakwa ejele.


Kwathi lapho bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kodwa abanye bathi: “Siyophinde sikulalele ngalolu daba.”


Abantu bema, bebukela, kanti ababusi babemklolodela, bethi: “Wasindisa abanye; makazisindise Yena, uma enguKhristu, okhethiweyo kaNkulunkulu.”


Kuthe abaFarisi ababethanda imali, bangakuzwa konke lokho, bamedelela.


Bamhleka usulu ngoba bazi ukuthi ife ngempela.


Sengiyinhlekisa kumngani wami, mina ebengikhala kuNkulunkulu angiphendule; umuntu olungileyo nongenasici, useyisigcono.


“Izinsuku zami ziyashesha ukwedlula umgijimi, ziyabaleka zingakubonanga okuhle.


Izigijimi zagibela amahhashi asebukhosini anejubane, zaphuma ngesivinini, ziqhutshwa ngumyalezo wenkosi. Lowo mthetho wawushaywe ngisho eShushani, inhlokomuzi.


Lezo zincwadi bazibhala egameni lenkosi u-Ahasheveroshi; uMoridekhayi wazifaka isisicilelo sasebukhosini. Zathunyelwa ngezigijimi ezazigibele amahhashi anejubane, ayekhuliswe esitebeleni sasebukhosini.


Izigijimi zashesha njengoba zaziyalwe yinkosi; kwashaywa umthetho enhlokomuzi iShushani. Inkosi noHamani bahlala phansi baphuza, kodwa kwaba nokudideka okukhulu emzini iShushani.


Lezo zincwadi zanikwa izigijimi, zathunyelwa kuzo zonke izifundazwe zenkosi. Umyalelo wawuthi kumele kubulawe bonke abaJuda, abancane nabadala, nezinsana nabesifazane, ngalusuku lunye okwakungolwe-13, ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari, nempahla yabo ibe yimpango.


Kwathi lapho uSanibhalathi umHoroni, uThobiya inceku engumAmoni, noGeshemi umArabhu bekuzwa lokho, basihleka usulu besibhinqa, bethi: “Nenzani nje nempela na? Senivukela inkosi na?”


ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.” Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.


Baya kuHilikiya, umphristi omkhulu, bayisa imali eyayikade ilethwe endlini kaNkulunkulu, eyayiqoqwe ngabaLevi, abalindimasango, esizwaneni sakwaManase, nesakwa-Efrayimi nakuyo yonke insali ka-Israyeli nakuJuda wonke, nabakwaBhenjamini nakuzo zonke izakhamuzi zaseJerusalema.


Inkosi uZedekiya yathi kuJeremiya: “Ngiyabesaba abaJuda abahlubukele kumaKhaledi, funa nginikelwe kubo, bangiphathe kabi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ