Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 30:1 - IsiZulu 2020

1 UHezekiya wathumela ku-Israyeli wonke noJuda, walobela u-Efrayimi noManase izincwadi ukuba beze endlini kaSimakade eJerusalema, ukuba bazogcina iphasika likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UHezekiya wathumela kuye wonke u-Israyeli noJuda, walobela o-Efrayimi noManase izincwadi ukuba beze endlini kaJehova eJerusalema, bamenzele uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iphasika.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UHezekiya wathumela kuye wonke u-Israyeli noJuda, walobela o-Efrayimi noManase izincwadi ukuba beze endlini kaJehova eJerusalema, bamenzele uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iphasika.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 30:1
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lalingakaze ligcinwe iphasika kusukela emihleni yabehluleli ababehlulela u-Israyeli, nasemihleni yawo wonke amakhosi akwa-Israyeli nawakwaJuda.


Abaphristi nabaLevi ababekulo lonke elakwa-Israyeli bazihlanganisa noRehobhowamu, bevela kuzo zonke izifundazwe.


Emva kokuhamba kwabo, kwalandela ababevela kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli, ababenhliziyo ziphokophelele ukufuna uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, baya eJerusalema ukuyohlabela uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Kwafika umuntu kaNkulunkulu, wathi kuye: “Nkosi, ungahambi nempi yakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade akanaye u-Israyeli nabo bonke abantwana bakwa-Efrayimi.


abaphristi bazihlaba, benza ngegazi lazo umnikelo wesono e-althare, ukuze benzele wonke u-Israyeli ukubuyisana. Inkosi yayiyalezile ukuba umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono ube ngoka-Israyeli wonke.


UHezekiya nabantu bonke bathokoza ngenxa yalokho uNkulunkulu ayebalungiselele khona abantu, ngokuba lokho kwenzeka kungalindelwanga muntu.


Inkosi yayelulekene nezikhulu zayo nebandla lonke laseJerusalema ukuba bagcine iphasika ngenyanga yesibili,


Lihlabeni iphasika, nizingcwelise, nilungise abafowenu ukuba benze njengokwezwi likaSimakade njengoba kulobe uMose.”


Nanka amazwi encwadi uJeremiya, umphrofethi, ayithumela eseJerusalema ensalini yamalunga, abaphristi, abaphrofethi nakubo bonke abantu uNebukhadinezari ayebathumbile eJerusalema, wabayisa eBhabhele.


“Ngingakuyekela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele kanjani, Israyeli na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikwenze kanjani ube njengeZebhoyimi na? Inhliziyo yami iyaphenduka ngaphakathi kimi, sonke isihawu sami sivusiwe.


“Izenzo zabo azibavumeli ukuba babuyele kuNkulunkulu wabo, ngokuba umoya wobufebe usezibilini zabo, futhi abamazi uSimakade.


Ngokuba abozalo lukaJosefa babeyizizwana ezimbili, esakwaManase nesakwa-Efrayimi, akukho sabelo sezwe esasinikwe abaLevi, ngaphandle kwemizi ababehlala kuyo, namadlelo emfuyo nemihlambi yabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ