Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 28:9 - IsiZulu 2020

9 Kwakukhona umphrofethi kaSimakade ogama lakhe kwakungu-Odedi. Waphuma wahlangabeza impi eyase ibuyela eSamariya, wathi kuyo: “Bhekani, uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu ubemthukuthelele uJuda, ngakho-ke wamnikela esandleni senu; nina nibabulele ngentukuthelo eze yafinyelela ezulwini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha kwakukhona lapho umprofethi kaJehova ogama lakhe lalingu-Odedi; waphuma ukuhlangabeza impi eyayiza eSamariya, wathi kubo: “Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda, wabanikela esandleni senu, kepha nina nibabulele ngokufutha okufinyelele nasezulwini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kepha kwakukhona umprofethi kaJehova ogama lakhe lingu-Odedi; waphuma phambi kwempi eyafika eSamariya, wathi kuyo: “Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda, wabanikela esandleni senu, nababulala ngokufutheka kwenu ifinyelela ezulwini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 28:9
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Base bethi: “Wozani sizakhele isithabathaba somuzi onombhoshongo omude ofinyelela esibhakabhakeni, ukuze ngawo sizakhele igama emhlabeni, singahlakazeki nezwe lonke!”


Wathi kuye: “Ukwenzeleni lokho na? Igazi lomnawakho liyakhala kimi lisemhlabathini!


Bheka, kwasondela umphrofethi ku-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Uyasibona sonke lesi sixuku esikhulu? Ngizosinikela esandleni sakho namuhla, ukuze wazi ukuthi Mina nginguSimakade.’ ”


Umphrofethi wasondela enkosini yakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Hamba, uziqinise, uqaphele, ubone ukuthi uzokwenzani, ngoba emva konyaka inkosi yama-Aramu izobuya, izokulwa nawe.”


Wathi kuyo: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngenxa yokuthi umyekile waphunyuka esandleni sakho umuntu ebengizombhubhisa, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, nabantu bakho esikhundleni sabantu bakhe.’ ”


UDavide wathi kuGadi: “Ngidabuka kakhulu; kungcono mangiwele esandleni sikaSimakade, ngokuba umusa wakhe mkhulu kakhulu, kunokuba ngiwele esandleni somuntu.”


USimakade uNkulunkulu wakhe wayesemnikela esandleni senkosi yase-Aramu, bamshaya, bathumba kuye isixuku esikhulu sabathunjwa, babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa-Israyeli eyamshaya ngokushaya okukhulu.


ngathi: “Nkulunkulu wami, nginamahloni, ngihlazeke kakhulu, ngesaba ngisho ukubheka kuwe, Nkulunkulu wami, ngokuba izono zethu sezedlula amakhanda ethu, necala lethu selifinyelela emazulwini.


Bahlukumeze labo obashayile, bakhuluma ngobuhlungu babalinyaziweyo bakho.


Ngangibathukuthelele abantu bami, ngangcolisa ifa lami, ngalinikela esandleni sakho; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.


“Phuthuma uye emzini omkhulukazi, iNineve, umemezele kuwo ukuthi ububi bawo sebenyuke baze bafika phambi kwami.”


Ngizithukuthelele kakhulu izizwe ezinethezekileyo, ngokuba uma ngithukuthele kancane nje, zona ziyadlanga ngobubi.’


Ngokuba izono zalo sezifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.


Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wamthengisa esandleni senkosi uKhushani Rishathayimi wase-Aramu Naharayimi, abakwa-Israyeli bamkhonza uKhushani Rishathayimi iminyaka eyisishiyagalombili.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ