Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 28:6 - IsiZulu 2020

6 UPheka, indodana kaRemaliya, wabulala izinkulungwane eziyizi-120 000 kwaJuda ngasuku lunye, bonke babengamadoda anamandla, ngokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba uPheka indodana kaRemaliya wabulala kwaJuda izinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ngalusuku lunye, bonke bengamadoda anamandla, ngokuba bebeshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UPheka indodana kaRemaliya wabulala kwaJuda izinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ngalusuku lunye, bonke bengamadoda anamandla; ngoba bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 28:6
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngonyaka wama-52 wokubusa kuka-Azariya, inkosi yakwaJuda, uPheka, indodana kaRemaliya, waba yinkosi kwa-Israyeli, wabusa iminyaka engama-20 eSamariya.


Ngalezo zinsuku uSimakade wathumela kwaJuda, uRezini, inkosi yase-Aramu, noPheka, indodana kaRemaliya.


Ngaso leso sikhathi kwakhuphuka uRezini, inkosi yase-Aramu, noPheka, indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bahlasela iJerusalema. Bamvimbezela u-Ahazi, kodwa abakwazanga ukumnqoba.


U-Abhiya namabutho akhe bababhubhisa, bebulala abakhulu nabancane kwa-Israyeli. Kwafa amabutho akhethiweyo ayizi-500 000.


u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.


U-Edomi wahlubuka phansi kwesandla sabakwaJuda, kuze kube namuhla. Kwase kusuka neLibhina lahlubuka ngaso leso sikhathi, ngokuba wayemshiyile uSimakade uNkulunkulu wokhokho bakhe.


UZikhiri, iqhawe lakwa-Efrayimi, wabulala uMahaseya, indodana yenkosi, u-Azrikamu, umengameli wendlu, no-Elikhana owayelama inkosi.


ngokuba bachezuka ekumlandeleni, abaze banaka neyodwa yezindlela zakhe.


Kepha abaphambukayo bayobhujiswa, baphele nya, nekusasa lababi lishabalale.


Kodwa abahlubuki bayobhujiswa kanye nezoni; nalabo abashiya uSimakade bayoqedwa nya.


Amadoda akho ayokuwa ngenkemba namaqhawe akini asale empini.


Kwathi ngezinsuku zika-Ahazi, indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uRezini, inkosi yase-Aramu benoPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphuka bayokulwa neJerusalema, kodwa abakwazanga ukulinqoba.


Inhloko yakwa-Efrayimi yiSamariya, inhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyukuma.’ ”


uManase uphendukele u-Efrayimi, u-Efrayimi waphendukela uManase, bobabili baphendukele uJuda. Kukho konke lokho ulaka lukaSimakade alubohlanga, nesandla sakhe usashaya ngaso.


Wena ungishiyile,” kusho uSimakade, “wabuyela emuva; ngiselulile isandla sami kuwe, ngakubhubhisa, ngikhathele ukukuhawukela.


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


lapho bungakambulwa ububi bakho, njengasesikhathini sehlazo lamadodakazi ase-Aramu, nawo wonke amadodakazi amaFilisti alizungezileyo, akudumaza nhlangothi zonke.


“Kuyothi uma ungalaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho ukuba uqikelele ukugcina yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso ziyokwehlela, zikusibekele.


“USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba.


Wathi: ‘Ngizobufihla ubuso bami kubo, ngibone ukuthi sizoba yini isiphetho sabo; ngokuba bayisizukulwane esiphambeneyo, nabantwana okungekho ukwethembeka kubo.


Uma nephula isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ngaso bese nihamba niyokhonza abanye onkulunkulu, nibakhothamele, ulaka lukaSimakade luyonivuthela, nibhubhe ngokushesha kuleli lizwe elihle aninike lona.”


Uma nimshiya uSimakade, nikhonze abanye onkulunkulu babezizwe, uyophenduka, anenzakalise, aniqothule esenenzele lokhu okuhle.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ