Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 28:3 - IsiZulu 2020

3 Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa amadodana akhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngaphezu kwalokho, wabangela ukuba kushunqe umusi esigodini sendodana kaHinomu futhi washisa abantwana bakhe ngomlilo njengezinengiso zezizwe uJehova azixosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 28:3
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, waze wadabulisa nendodana yakhe emlilweni, njengezinengiso zabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Yangcolisa iThofethi esigodini sabantwana bakwaHinomu ukuze kungabe kusaba bikho odabulisa indodana noma indodakazi yakhe emlilweni kaMolokhi.


Wenza okubi phambi kukaSimakade njengokwezinengiso zabezizwe, uSimakade ayebaxoshile phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Wawadabulisa amadodana akhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo wabuye wavumela abanamadlozi nabathakathi, wenza nokunye okubi okuningi phambi kukaSimakade, waze wachukuluza ulaka lukaSimakade.


Zonke izikhulu zabaphristi nabantu baphambuka kakhulu, benza okungalungile, balandela zonke izinengiso zabezizwe, bayingcolisa indlu kaSimakade ayeyingcwelise eJerusalema.


Izindlu eJerusalema nezigodlo zamakhosi akwaJuda, ziyakungcola njengeThofethi, yebo, nakuzo zonke izindlu abashisele ibandla lasezulwini impepho, phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo.’ ”


Emiphethweni yezingubo zakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, nanxa ungazange ubabhadame begqekeza. Phezu kwakho konke lokho,


Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali esigodini sendodana kaHinomu, ukuba badabulise khona amadodana namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engangingazange ngibayale ngakho, nokungazange kungene emqondweni wami ukuthi bangenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.


“ ‘Awuyukunikela ngenzalo yakho ibe ngumhlatshelo kuMolekhi, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguSimakade.


Ngabe uyakuthokoza yini uSimakade ngezinqama eziyinkulungwane, nangezinkulungwane ezilishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunikela ngezibulo lami yini ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami na?


Awuyukwenza kanjalo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba zonke izinto uSimakade azenyanyayo zizenzile lezi zizwe, zenzela onkulunkulu bazo, zibashisele ngisho amadodana namadodakazi azo emlilweni.


Makungafunyanwa muntu phakathi kwenu onikela ngendodana yakhe noma ngendodakazi yakhe ngokuyidabulisa emlilweni, noma umbhuli, ohlola imihlola, owenza imilingo, noma umlumbi,


“Kuyothi nxa usufike ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ungalokothi ufunde ukwenza izinengiso njengalabo bezizwe.


bese ukhuphuka esigodini samadodana kaHinomu ekwehleni okungaseningizimu yamaJebhusi, okuyiJerusalema, nomngcele okhuphukela phezulu entabeni ebhekene nesigodi iHinomu, entshonalanga engasekugcineni, enyakatho yesigodi iRefa,


Abakwa-Israyeli base benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali;


Bamshiya uSimakade, bakhonza uBhali no-Ashitharothi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ