Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 27:5 - IsiZulu 2020

5 Walwa nenkosi yabantu bakwa-Amoni, wabehlula. Ngawo lowo nyaka abakwa-Amoni bamnika amathalenta esiliva ayikhulu, amakhora kakolo ayizi-10 000, nawebhali ayizi-10 000. Nangonyaka wesibili nangowesithathu abakwa-Amoni babuye bakuyisa kuye lokhu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Walwa nenkosi yabantwana bakwa-Amoni, wabahlula. Abantwana bakwa-Amoni bamnika ngawo lowo mnyaka amatalenta* ayikhulu esiliva, namakhora* ayizinkulungwane eziyishumi kakolweni, nawebhali* ayizinkulungwane eziyishumi. Lokho-ke abantwana bakwa-Amoni bakuyisa kuye nangomnyaka wesibili nangowesithathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Futhi walwa nenkosi yabantwana bakwa-Amoni futhi wabanqoba. Abantwana bakwa-Amoni bamnika ngawo lowo mnyaka amatalenta ayikhulu esiliva, nezikhwebu zikakolweni eziyizinkulungwane eziyishumi, nezinkulungwane eziyishumi zebhali. Ngakho abantwana bakwa-Amoni bamkhokhela kanjalo ngomnyaka wesibili nangowesithathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 27:5
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi emveni kwalokho kwafika abakwaMowabi nabakwa-Amoni nabanye bakwaMehuni bezokulwa noJehoshafathi.


Abakwa-Amoni bathela intela ku-Uziya. Igama lakhe laduma laze layofika eGibhithe, ngokuba wakhombisa ukudlondlobala ngamandla.


Wakha imizi kwelezintaba kwaJuda; wakha emahlathini izinqaba nemibhoshongo.


UJothamu waba namandla, ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ