Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 26:9 - IsiZulu 2020

9 U-Uziya wakha imibhoshongo eJerusalema ngasesangweni leGumbi, nangasesangweni leSigodi nangaseNqutshini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 U-Uziya wakha nemibhoshongo eJerusalema ngaseSangweni Lasegumbini, nangaseSangweni Lasesigodini, nangaseNqutshini, wayiqinisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 U-Uziya wakha imibhoshongo eJerusalema ngaseSangweni Legumbi, naseSangweni Lesigodi nasegumbini lomduli, waliqinisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 26:9
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehowashi, inkosi yakwa-Israyeli, yambamba u-Amaziya, inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi ka-Ahaziya, eBhethi Shemeshi. UJehowashi weza eJerusalema, wabhidliza ugange lwakhona kusukela esangweni kwa-Efrayimi kuze kube sesangweni iGumbi; kwaba yisikhala esingamakhubhithi angama-400.


UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wambamba u-Amaziya, inkosi yakwaJuda, indodana kaJowashi kaJehowahazi eBhethi Shemeshi, wamyisa eJerusalema. Wabhidliza ugange eJerusalema kusukela esangweni i-Efrayimi kuze kube sesangweni iGumbi, amakhubhithi angama-400.


Ngaphuma ebusuku ngeSango Lesigodi, ngahamba ngaseningizimu yoMthombo KaDrago, ngaze ngayofika eSangweni Lomquba, ngazihlola izingange eJerusalema ezazibhidlizelwe phansi namasango alo ayeshiswe ngomlilo.


Ngakhuphuka ngomhosha ebusuku, ngihlola ugange. Ngase ngibuyela emzini, ngangena ngeSango Lesigodi; ngabuya kanjalo-ke.


ISango Lesigodi lakhiwa kabusha nguHanuni nezakhamuzi zomuzi iZanowa. Bamisa amasango ezindaweni zawo, bafaka imigoqo nezihluthulelo, bakha kabusha ugange olungamakhubhithi ayinkulungwane kuze kuyofika eSangweni Lomquba.


Ingxenye elandelayo yakhiwa nguBhinuwi, indodana kaHenadadi, kusukela endlini ka-Azariya kuze kuyofika ejikeni logange.


Abakhandigolide, nabahwebi bakha ingxenye yokugcina, kusukela endlini esejikeni kuze kuyofika eSangweni Lezimvu.


“Bheka, izinsuku ziyeza, lapho uSimakade eyakwakhelwa kabusha umuzi, kusukela embhoshongweni kaHananeli kuze kube sesangweni iGumbi, kusho uSimakade.


Izwe lonke liyakuphenduka lifane ne-Arabha kusukela eGebha kuya eRimoni ngaseningizimu yeJerusalema. IJerusalema liyakuphakama lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni LikaBhenjamini kuze kube seSangweni Lakuqala, kufinyelele eSangweni Legumbi; kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini lenkosi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ