Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 26:7 - IsiZulu 2020

7 UNkulunkulu wamsiza kumaFilisti, nakwabase-Arabhiya ababehlala eGuri Bhari nakumaMehuni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UNkulunkulu wamsiza kumaFilisti, nakwabase-Arabiya ababehlala eGuri Bali, nakumaMehuni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UNkulunkulu wamsiza ekulweni namaFilisti, nakuma-Arabhi ayakhe eGur-Bahali, nakumaMehuni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 26:7
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi, owayeyinhloko yabangama-30, wathi: “Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese; ukuthula, ukuthula makube nawe, ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho ukusizile.” Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.


Labo bafika ngezinsuku zikaHezekiya, inkosi yakwaJuda, babhubhisa amathende abo nawamaMehuni atholakala lapho, babaqothula kuze kube namuhla, base behlala endaweni yabo, ngokuba bathola idlelo lemfuyo yabo lapho.


Ngesikhathi ethola usizo lokulwa nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngoba ayemethemba.


Kwawa abaningi bebulewe, ngoba impi yayingekaNkulunkulu. Ahlala endaweni yabo aze athunjwa.


U-Asa waphuma ukuba abhekane naye, wawahlela amabutho akhe esigodini eZefatha, ngaseMaresha.


U-Asa wakhala kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, akekho ngaphandle kwakho ongasiza nongenamandla phakathi kwabaningi. Sisize, Simakade Nkulunkulu wethu, ngokuba sethembele kuwe, siphumile egameni lakho ukuzobhekana nalolu quqaba. Simakade, Wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”


Abanye bamaFilisti baletha izipho kuJehoshafathi, nesiliva elaliyintela. Nabase-Arabhiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizi-7 700, nezimpongo eziyizi-7 700.


Kwathi emveni kwalokho kwafika abakwaMowabi nabakwa-Amoni nabanye bakwaMehuni bezokulwa noJehoshafathi.


USimakade wavusela uJehoramu umoya kumaFilisti, nakwabase-Arabhiya ababengamaKhushe;


Kepha uma uphuma nabo ngokuba uthi wenzela ukuba iqine impi yakho, uNkulunkulu uyakukuqumba phansi phambi kwezitha zakho, ngokuba uNkulunkulu unamandla okuqumba phansi nokusiza.”


Ngokuba ngawe ngingahlasela impi, ngoNkulunkulu wami, ngingeqa ugange.


Ungathokozi wena Filistiya namaphethelo, ngokuthi intonga ekushayileyo yephukile, ngokuba esiqwini senyoka kuyophuma ibululu, nenzalo yalo ibe yinkanyamba endizayo.


Kepha ngathola usizo kuNkulunkulu, yingakho ngimi lapha namuhla ngifakaza kwabancane nabadala. Angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaphrofethi noMose ukuthi kuzokwenzeka,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ