Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 26:23 - IsiZulu 2020

23 U-Uziya wayeselaliswa nokhokho bakhe; bammbela kokhokho bakhe eduze kwensimu yamadlinza amakhosi, ngokuba bathi: “Ungonochoko.” UJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 U-Uziya wayeselala koyise; bammbela koyise ngaphandle kwamathuna amakhosi, ngokuba bathi: “Ungonochoko.” UJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 U-Uziya wayeselala koyise, bammbela koyise emhlabathini wokumbela wamakhosi; ngokuba bathi: “Unochoko; uJothamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 26:23
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waqala ukubusa eneminyaka engama-32, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema. Wangcwatshwa engazange akhalelwe muntu. Bamngcwaba emzini kaDavide, kodwa hhayi emadlinzeni amakhosi.


Bamelana nenkosi u-Uziya, bathi kuyo: “Awufanele ngokwakho, Uziya, ukushisela uSimakade impepho; lokho kungokwabaphristi, abangamadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho. Phuma endaweni engcwele, ngokuba wenze okubi; awuyukufumana ludumo oluvela kuSimakade uNkulunkulu.”


UJothamu wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eba yinkosi. Wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJerusha, indodakazi kaZadoki.


U-Ahazi walaliswa kokhokho bakhe, bammbela emzini iJerusalema, ngokuba abamyisanga emadlinzeni amakhosi akwa-Israyeli. UHezekiya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


UManase wayeselaliswa kokhokho bakhe, bammbela endlini yakhe. U-Amoni, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundeni sakhe.


Ngonyaka wokufa kwenkosi u-Uziya, ngabona uSimakade ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo; umsila wengubo yakhe ugcwalise ithempeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ