Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 26:22 - IsiZulu 2020

22 Ezinye izindaba zika-Uziya, ezakuqala nezakamuva, zilotshiwe ngu-Izaya umphrofethi, indodana ka-Amose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ezinye izindaba zika-Uziya, ezokuqala nezokugcina, zalotshwa ngu-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ezinye izindaba zika-Uziya, ezokuqala nezokugcina, zalotshwa ngu-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 26:22
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yathumela u-Eliyakimi owayengamele isigodlo, noShebhina, umbhali, namalunga wonke, begqoke indwangu eyisaka, baya ku-Izaya, umphrofethi, indodana ka-Amose.


Izindaba zikaRehobhowamu, ezakuqala nezokugcina, azilotshiwe yini ezindabeni zikaShemaya umphrofethi, nezika-Ido umboni, ngokwezizukulwane, nezimpi zikaRehobhowamu noJerobhowamu zonke izinsuku zabo na?


Ezinye izindaba zika-Amaziya, ezakuqala nezakamuva, bheka, azilotshiwe yini encwadini yamakhosi akwaJuda nawakwa-Israyeli na?


U-Uziya wayeselaliswa nokhokho bakhe; bammbela kokhokho bakhe eduze kwensimu yamadlinza amakhosi, ngokuba bathi: “Ungonochoko.” UJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Ezinye izindaba zikaHezekiya nezenzo zakhe ezinhle; bheka, zilotshiwe embonweni ka-Izaya umphrofethi, indodana ka-Amose, encwadini yamakhosi akwaJuda nawakwa-Israyeli.


Ezinye izindaba zikaSolomoni, ezakuqala nezakamuva, azilotshiwe yini ezindabeni zikaNathani umphrofethi, nasesiphrofethweni sika-Ahaya waseShilo, nasemibonweni ka-Ido umboni ngoJerobhowamu indodana kaNebhathi na?


Umbono ka-Izaya, indodana ka-Amozi, awubona maqondana noJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya; amakhosi akwaJuda.


Ngonyaka wokufa kwenkosi u-Uziya, ngabona uSimakade ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo; umsila wengubo yakhe ugcwalise ithempeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ