Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 26:19 - IsiZulu 2020

19 U-Uziya wathukuthela. Ngesikhathi ethukuthelela abaphristi, wayephethe isitsha sempepho esandleni sakhe ukuze ashise impepho, ngakho-ke kwavela uchoko ebunzini lakhe, phambi kwabaphristi, endlini kaSimakade, eceleni kwe-althare lempepho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Wayesethukuthela u-Uziya; wayenomcengezi womlilo esandleni sakhe ukuba ashise impepho; esabathukuthelele abapristi, kwaqhamuka uchoko ebunzini lakhe phambi kwabapristi endlini kaJehova eceleni kwe-altare lempepho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 U-Uziya wathukuthela, ephethe umcengezi wokufaka impepho esandleni sakhe; ethukuthelele abapristi, kwavela uchoko ebunzini lakhe phambi kwabapristi endlini kaJehova ngase-altare lempepho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 26:19
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi isibuyile eDamaseku, yalibona i-althare, yasondela kulo, yanikela kulo.


U-Asa wamthukuthelela umboni, wayesemfaka ejele, ngokuba wathukuthela ngenxa yale nto umboni ayemtshele yona. U-Asa wabacindezela abanye abantu ngaleso sikhathi.


Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Ngabe sikubeke umeluleki wenkosi na? Yeka, ufunelani ukubulawa na?” Umphrofethi wayeka, wayesethi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqume ukukubhubhisa ngokuba wenze lokho, awusilalelanga iseluleko sami.”


U-Azariya, umphristi omkhulu, nabo bonke abanye abaphristi bambuka; bheka, wayenochoko ebunzini lakhe. Bamkhipha lapho ngokushesha; naye uqobo washesha waphuma, ngokuba wabona ukuthi uSimakade umshayile.


umphristi uyakumbheka, uma ebona ukuthi lapho isikhumba sivuvukele khona sekumhlophe, noboya sebuphenduke baba mhlophe nokuthi kukhona inyama ebomvu ekuvuvukeni;


Ifu laphakama phezu kwethende. Bheka, uMiriyamu wayesenochoko, emhlophe njengeqhwa. U-Aroni waphendukela ngakuMiriyamu, wabona ukuthi usenochoko.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ