Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 26:16 - IsiZulu 2020

16 Kepha lapho esenamandla, inhliziyo yakhe yaqala ukuzikhukhumeza, waze waziphatha kabi, akethembeka kuSimakade uNkulunkulu, wangena ethempelini likaSimakade washisa impepho e-althare lempepho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kepha lapho eseziqinisile, inhliziyo yakhe yazikhukhumeza kwaze kwaba ngukubhubha kwakhe, waphambuka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wangena ethempelini likaNkulunkulu ukuba ashise impepho e-altare lempepho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa lapho esenamandla, inhliziyo yakhe yaziphakamisa kwaze kwaba sekubhujisweni kwakhe; ngokuba waphambuka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wangena ethempelini likaJehova ukuba ashise impepho e-altare lempepho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 26:16
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wanikela e-althare ayelenzile eBhethele, ngosuku lwe-15, ngenyanga yesishiyagalombili, okuyinyanga ayeyinqume yena; wenzela abantu bakwa-Israyeli umkhosi, wenyukela e-althare, washisa impepho.


Kwavela ngaleso sikhathi kwaJuda umuntu kaNkulunkulu, ethunywe nguSimakade, waya eBhethele. UJerobhowamu wayemi e-althare ukuba ashise impepho.


Umnqobile impela u-Edomi; inhliziyo yakho isiqhoshile; dumiseka ngalokho, uhlale ekhaya. Kungani ufuna uthuthuva, bese uwa, wena noJuda wonkana na?”


USimakade wayishaya ngesifo sochoko inkosi kwaze kwaba sekukhothameni kwayo; yayihlala endlini eqhelile kwezinye. UJothamu, indodana yenkosi, wayengamele umuzi, ehlulela abantu bezwe.


Kwathi lapho umbuso kaRehobhowamu ususimeme waqina impela, wawushiya umthetho kaSimakade, no-Israyeli wonke wenza njengaye.


Umtshele uthi: ‘Bheka, ubhubhisile u-Edomi, manje inhliziyo yakho iqhoshile, ufuna ukubonakalisa udumo lwakho. Manje kungcono uhlale endlini yakho; kungani uhlokoloza inyoka isemgodini, ufuna ukuwa wena noJuda kanyekanye na?’ ”


EJerusalema wakha imishini yempi eyasungulwa ngokuhlakanipha, wayibeka phezu kwemibhoshongo nasezingosini ezithile, ukuze kuphonswe ngayo imicibisholo namatshe amakhulu. Igama lakhe laduma kude naseduze ngokuba wasizwa ngokumangalisayo waze waba namandla amakhulu.


Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade njengalokho konke ayekwenzile uyise, u-Uziya, kodwa akazange angene ethempelini likaSimakade. Abantu baqhubeka ukwenza okungalungile.


UHezekiya akenzanga okuhle njengoba ayenzelwe okuhle, waphakama enhliziyweni yakhe, ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwaba phezu kwakhe nakuJuda neJerusalema.


Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela.


Kepha lapho isixuku sesisusiwe, inhliziyo yayo iyakuziphakamisa, iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyukuba namandla.


Impongo yayisizikhulisa kakhulu; kwathi lapho isinamandla, uphondo olukhulu lwephuka; esikhundleni salo kwamila ezine ezigqamileyo ngasemimoyeni yomine yezulu.


Bheka, uyazikhukhumeza, ingaphakathi lakhe aliqotho, kodwa olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.


UKhora, indodana kaJizihari, kaKhohathi kaLevi, ekanye namadodana amabili kaRubeni, uDathani no-Abhiramu, ababezalwa ngu-Eliyabe no-Oni ozalwa nguPhelethi baqoqa amadoda,


Bathatha yilowo nalowo isitsha sakhe sempepho bafaka kuzo amalahle base befaka nempepho. UMose no-Aroni bama ngasemnyango wethende lokuhlangana.


Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho.


nifake kuzo amalahle avuthayo, nifake impepho kuzo kusasa phambi kukaSimakade. Kuyothi lowo uSimakade amkhethayo abe ngcwele. Kade nikwenza lokhu madodana kaLevi, kodwa namuhla nifike ekugcineni!”


Kuyothi lowo muntu engiyokumkhetha, intonga yakhe ihlume, ukuze ngiqede ukukhononda abakwa-Israyeli abanakho ngani.”


bese inhliziyo yakho iqhosha, umkhohlwe uSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila,


Uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kungizuzele yonke le mfuyo.’


Makungabi bikho muntu onephuca umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yemvelo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ