Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 26:13 - IsiZulu 2020

13 Zaziphethe amabutho anamandla ayizi-307 500, ayelwa ngokuzinikela okukhulu ukuba asize inkosi ezitheni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Phansi kwezandla zabo kwakukhona impi enamandla eyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu nezinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisihlanu, eyalwa ngamandla amakhulu ukuba isize inkosi ezitheni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Phansi kwesandla sabo kwakukhona impi eyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu nesikhombisa namakhulu ayisihlanu, eyalwa ngamandla amakhulu ukusiza inkosi esitheni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 26:13
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

URehobhowamu esefikile eJerusalema, waqoqa yonke indlu yakwaJuda nesizwana sakwaBhenjamini, abantu abakhethiweyo abayizi-180 000, amabutho, ukuze balwe nendlu yakwa-Israyeli, umbuso bawubuyisele kuye uRehobhowamu, indodana kaSolomoni.


Kwathi lapho umbuso kaRehobhowamu ususimeme waqina impela, wawushiya umthetho kaSimakade, no-Israyeli wonke wenza njengaye.


U-Abhiya waphuma ukuyokulwa enempi yamaqhawe anamandla empini, amadoda akhethiweyo ayizi-400 000. UJerobhowamu yena wehla ukuyokulwa naye, enamadoda akhethiweyo ayizi-800 000, angamaqhawe anamandla.


Wathi kubaJuda: “Masakhe le mizi, siyibiyele ngogange, kube nemibhoshongo, izivalo nemigoqo. Izwe kusengelethu, ngokuba simfunile uSimakade uNkulunkulu wethu; simfunile, Yena wasiphumuza nxazonke.” Base beyakha-ke baphumelela.


U-Asa wayenamabutho ayizi-300 000, aphatha izihlangu nemikhonto, ayevela kwaJuda, nalawo ayevela kwaBhenjamini eyizi-280 000, ayephatha amahawu, nansala ngeminsalo. Wonke lawo mabutho ayengamaqhawe anamandla.


U-Amaziya waqoqa uJuda, wammisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwabakhuzi bempi bezinkulungwane nabakhuzi bempi bamakhulu. UJuda wonke noBhenjamini wababala, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, wathola ukuthi bayizi-300 000 abakhethekileyo asebengaphuma impi, nabangaphatha umkhonto nesihlangu.


Inani lazo zonke izinhloko zoyise, amaqhawe anamandla, kwakuyizi-2 600.


U-Uziya wawalungisela wonke amabutho akhe izihlangu, imikhonto, izigqoko, amabhantshi, iminsalo namatshe ezindwayimane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ