Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 26:1 - IsiZulu 2020

1 Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Uziya owayeneminyaka eli-16, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amaziya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Uziya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amasiya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Uziya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amasiya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 26:1
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngonyaka wesibili wokubusa kukaJowashi, indodana kaJehowahazi, kwa-Israyeli, u-Amaziya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.


Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Azariya owayeneminyaka eli-16, bambeka waba yinkosi esikhundleni sikayise, u-Amaziya.


UJowashi wazala u-Amaziya; yena wazala u-Azariya; yena wazala uJothamu.


Izakhamuzi zaseJerusalema zambeka u-Ahaziya, indodana kaJehoramu encane, waba yinkosi esikhundleni sakhe, ngokuba iviyo labaphangi elafika enkanjini nabase-Arabhiya, babebabulele bonke abafowabo abadala. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu, waba yinkosi yakwaJuda.


Bamthwala ngamahhashi, bamngcwaba kokhokho bakhe emzini wakwaJuda.


Esekhotheme uyise, u-Uziya wakha i-Elathi walibuyisela kwaJuda.


Abantu bezwe nokho bababulala bonke labo ababenzele inkosi ugobe, base beyingcwaba inkosi abantu bezwe. Abantu bezwe bamenza uJosiya, indodana yakhe, inkosi esikhundleni sakhe.


Umbono ka-Izaya, indodana ka-Amozi, awubona maqondana noJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya; amakhosi akwaJuda.


Izwi likaSimakade elafika kuHoziya indodana kaBheri ezinsukwini zokubusa kuka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.


Amazwi ka-Amose owayengomunye wabelusi bezimvu edabuka eThekhowa, aqondene nalokho akubonayo ngo-Israyeli ezinsukwini zika-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamama komhlaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ