Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 25:2 - IsiZulu 2020

2 Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade, nokho engakwenzi ngenhliziyo epheleleyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenganhliziyo epheleleyo kodwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenganhliziyo epheleleyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 25:2
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Akazibhidlizanga izindawo eziphakemeyo abantu ababenikela benze imihlatshelo kuzo.


UJowashi wenza okulungile phambi kukaSimakade ngazo zonke izinsuku zokuphila kukaJehoyada, umphristi.


Kwathi u-Amaziya esebuyile ekubulaleni abakwa-Edomi, waletha onkulunkulu babantu baseSeyiri, wabamisa baba ngonkulunkulu bakhe, wakhothama phambi kwabo, wabashisela impepho.


Kwathi lapho umbuso wakhe ususimeme, wazibulala izinceku zakhe ezazibulale inkosi, uyise.


Wenza okuhle phambi kukaSimakade, njengakho konke u-Amaziya uyise ayekwenzile.


Inhliziyo yabo yayingabambelele kuye, bengathembekile esivumelwanei sakhe.


INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


Inhliziyo yabo inobuqili; manje-ke bayakulithwala icala labo. USimakade uyakuwacekela phansi ama-althare abo, abhidlize izinsika zabo ezingcwele.


Awunasabelo nalifa kuleli lizwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu.


ngokuba ungumuntu ongqondo imbaxambili, engazinzile ezindleleni zakhe zonke.


Sondelani kuNkulunkulu, naye uyakusondela kini. Hlanzani izandla, nina zoni, nihlambulule izinhliziyo, nina bonhliziyombili.


Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ