Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 24:7 - IsiZulu 2020

7 Amadodana ka-Athaliya alowo wesifazane okhohlakele, ayefohle angena endlini kaNkulunkulu, futhi asebenzisa zonke izinto ezingcwele zendlu kaSimakade, ezisebenzisela uBhali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokuba amadodana ka-Athaliya, owesifazane lowo omubi, ayeyichithile indlu kaNkulunkulu, nezinto zonke ezingcwele zendlu kaJehova azenza ukuba zibe ngezikaBali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokuba amadodana ka-Athaliya, owesifazane omubi, abhidliza indlu kaNkulunkulu; nazo zonke izipho ezingcwele zendlu kaJehova bazinika oBali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 24:7
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi ukuba u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, abone ukuthi indodana yakhe ifile, waqala ukubhubhisa bonke abasebukhosini.


UJehowashi wathi kubaphristi: “Lonke isiliva lezinto ezingcwele elilethwa endlini kaSimakade, imali eyamukelwayo, imali yilowo nalowo muntu anqunyelwe yona, yonke imali umuntu ayinikela ngokwenhliziyo yakhe endlini kaSimakade,


bonke bakhuphuka bayokulwa noJuda, babhodloza bangena khona, bathumba yonke impahla etholakala esigodlweni senkosi, amadodana ayo, nobomkayo, akwasala ndodana kuye, ngaphandle nje kukaJehowahazi owayengomncane emadodaneni akhe.


Naye wahamba ezindleleni zendlu ka-Ahabi elulekwa ngunina ukuba enze okubi.


Kwathi emveni kwalokho, kwaba senhliziyweni kaJowashi ukuvuselela indlu kaSimakade.


U-Esteri wathi: “Umuntu omelene nathi, isitha, yilo Hamani okhohlakeleyo.” Kwaphela nasozwaneni wuvalo kuHamani, phambi kwenkosi nendlovukazi.


Ukukhunjulwa kolungileyo kuyisibusiso, kepha igama lezikhohlakali liyakubola.


kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.


Manje-ke sengizokwembula ihlazo lakhe zizibonela ngawazo amehlo izithandwa zakhe, futhi akukho namunye oyakumhlenga esandleni sami.


Ngiyakumjezisela izinsuku zoBhali lezo ayebashisela ngazo impepho, ezihlobisa ngezindandatho zakhe nangobucwebecwebe bakhe, elandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa Mina,” kusho uSimakade.


Kulapho-ke eyakwambulwa khona lowo ongenamthetho, eyakumqothula ngomoya womlomo wayo iNkosi uJesu, imbhubhise ngokubonakala kwayo mhla ifika.


“ ‘Kepha enginakho okungihluphayo ngawe, ukuthi uvumela owesifazane uJezebheli, lo ozibiza ngomphrofethikazi, ukuba afundise, adukise izinceku zami ukuze zifebe, futhi zidle okuhlatshelwe izithombe.


Abakwa-Israyeli base benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ