Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 24:20 - IsiZulu 2020

20 UMoya kaNkulunkulu wasibekela uZakhariya, indodana kaJehoyada, umphristi, wema ngaphezu kwabantu, wathi kubo: “Usho kanje uNkulunkulu uthi: ‘Niyeqelani imiyalo kaSimakade, ukuze ningabi nampumelelo na? Ngokuba nimshiyile uSimakade, naye unishiyile.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UMoya kaNkulunkulu wembesa uZakariya indodana kaJehoyada umpristi; wema ngaphezu kwabantu, wathi kubo: “Usho kanje uNkulunkulu, uthi: ‘Neqelani imiyalo kaJehova ukuba ningabi nampumelelo na? Ngokuba nimshiyile uJehova, naye unishiyile nina.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaZakariya indodana kaJehoyada umpristi, wema phezu kwabantu, wathi kubo: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Neqelani imiyalo kaJehova ukuba ningabi nampumelelo na? ngoba nimshiyile uJehova, naye unishiyile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 24:20
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi, owayeyinhloko yabangama-30, wathi: “Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese; ukuthula, ukuthula makube nawe, ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho ukusizile.” Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.


“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


UShemaya umphrofethi wafika kuRehobhowamu nakubaholi bonke bakwaJuda abebuthene eJerusalema, ngenxa kaShishaki, wathi kubo: “Usho kanje uSimakade uthi: ‘Nina ningifulathele Mina, ngakho-ke nami nginilahlele esandleni sikaShishaki.’ ”


UMoya kaSimakade wafika kuJahaziyeli kaZakhariya kaBhenaya kaJehiyeli kaMathaniya, umLevi, omunye wozalo luka-Asafa, ephakathi kwebandla,


Bayiletha indodana yenkosi base bebeka umqhele, bayinika ubufakazi, bayibeka yaba yinkosi. UJehoyada namadodana akhe bayigcoba, bathi: “Mana njalo, nkosi.”


Nakuba impi yase-Aramu yayize neviyo elincane, uSimakade wanikela esandleni sayo impi enkulu kakhulu, ngokuba uJuda neJerusalema babemshiyile uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo. UJowashi bamehlulela.


Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Ngabe sikubeke umeluleki wenkosi na? Yeka, ufunelani ukubulawa na?” Umphrofethi wayeka, wayesethi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqume ukukubhubhisa ngokuba wenze lokho, awusilalelanga iseluleko sami.”


Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade yehlele phezu kukaJuda neJerusalema, wabenza into esabekayo, eyesabisayo nenximfelwayo, njengalokhu nibona ngamehlo enu.


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


“Usho kanje uSimakade, uthi: yima egcekeni lendlu kaSimakade, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza izokhuleka endlini kaSimakade, wonke amazwi engikuyale ukuba uwakhulume kubo, ungagodli nalinye izwi.


“Ukuziphatha kwakho nezenzo zakho kukulethele lezi zinto; lokhu kungenxa yokukhohlakala kwakho, ngokuba umunyu ufinyelele enhliziyweni yakho.”


Kuyakuthi lapho nithi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu ukwenzeleni kithi konke lokhu na?’ Ubatshele, uthi: ‘Njengalokhu ningishiyile, nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini, kanjalo-ke niyakukhonza eningabaziyo ezweni elingesilo elenu.’ ”


Ububi benu buzibalekisile lezi zinto, nezono zenu zakuvimba okuhle kini.


Bayamzonda okhuzayo esangweni; bamenyanye okhuluma iqiniso elimsulwa.


UMose wathi: “Kuyini lokhu? Seneqa futhi izwi likaSimakade na? Aniyukuphumelela.


Liyakubizwa kini lonke igazi labalungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo, kuze kube kwelikaZakhariya indodana kaBharakiya, enambulala phakathi kwethempeli ne-althare.


kusukela egazini lika-Abela kuze kufike egazini likaZakhariya, owabulawa phakathi kwe-althare nethempeli. Yebo, ngithi kini: lizakubizwa kulesi sizukulwane.


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo lusuku, ngiyakubashiya, ngibafulathele; bayakudliwa, behlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo lusuku: ‘Lezi zinhlupheko azisehlelanga yini ngoba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’


UMoya kaSimakade wehlela kuGideyoni, washaya icilongo, ama-Abhiyezeri abuthana, amlandela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ