Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 24:18 - IsiZulu 2020

18 Bayishiya indlu kaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, bakhonza o-Ashera nezithombe; intukuthelo kaSimakade yehlela uJuda neJerusalema ngenxa yalokho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Bayishiya indlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhonza o-Ashera* nezithombe; uJuda neJerusalema kwehlelwa yintukuthelo ngaleli cala labo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Bayishiya indlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhonza imithi engcwele nonkulunkulu; uJuda neJerusalema behlelwa yintukuthelo ngenxa yesiphambeko sabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 24:18
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Intukuthelo kaSimakade yabuye yamvuthela u-Israyeli. Wamvusa uDavide ukuba amelane naye, ngokuthi kuye: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”


Nabo bazakhela izindawo eziphakemeyo, izinsika, no-Ashera emagqumeni wonke aphakemeyo naphansi kwemithi yonke eluhlaza.


Kunalokho wenze okubi ukwedlula bonke abakwendulela; uhambile wayozenzela onkulunkulu, nezinye izithombe ezibunjiweyo, wavusa ulaka lwami, wangitshinga nyovane.


Kwathi lapho umbuso kaRehobhowamu ususimeme waqina impela, wawushiya umthetho kaSimakade, no-Israyeli wonke wenza njengaye.


Kuthe ngonyaka wesihlanu wokubusa kwenkosi uRehobhowamu, kwakhuphukela eJerusalema uShishaki, inkosi yaseGibhithe, ngokuba babephambukile kuSimakade.


UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho.


kodwa uhambe ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, waholela uJuda nabakhileyo eJerusalema ekuphingeni, njengalokhu kwenza indlu ka-Ahabi, wabuye wabulala abafowenu bendlu kayihlo ababebahle kunawe;


Wenza okubi phambi kukaSimakade njengendlu ka-Ahabi, ngokuba yibona ababemeluleka emveni kokukhothama kukayise, okwaba yimbangela yokubhujiswa kwakhe.


Emveni kokufa kukaJehoyada, kwafika abaholi bakwaJuda, bakhuleka enkosini; inkosi yase iyabalalela.


Kwathi emveni kwalokho, kwaba senhliziyweni kaJowashi ukuvuselela indlu kaSimakade.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Amaziya, wathumela kuye umphrofethi, wathi kuye: “Ubafuneleni onkulunkulu babantu abangasindisanga abantu babo esandleni sakho na?”


bathi kubo: “Ningabangenisi abathunjwa lapho, ngokuba nisikhongela icala kuSimakade. Ngabe nifuna ukwenezelela esonweni nasecaleni lethu na? Ngokuba lukhulu ulaka oluvuthayo phezu kuka-Israyeli.”


Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade yehlele phezu kukaJuda neJerusalema, wabenza into esabekayo, eyesabisayo nenximfelwayo, njengalokhu nibona ngamehlo enu.


UHezekiya akenzanga okuhle njengoba ayenzelwe okuhle, waphakama enhliziyweni yakhe, ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwaba phezu kwakhe nakuJuda neJerusalema.


ngokuba bangihlubukile, bayoshisela abanye onkulunkulu impepho, bachukuluza ulaka lwami ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo. Intukuthelo yami ezakuthululelwa kule ndawo ayiyukucinywa.’


Qikelela ukuba ungenzi isivumelwano nabantu bezwe oya kulo, funa babe lugibe kuwe.


Kepha niyobhidliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, nigawule o-Ashera babo.


Abantwana babo basawakhumbula ama-althare abo nawo-Ashera babo ngasemithini eluhlaza, emagqumeni aphakemeyo.


Ngokuba Mina ngiyakuba njengebhubesi ku-Efrayimi, nanjengebhongo lebhubesi kuyo indlu kaJuda. Mina luqobo, ngiyakubadwengula, bese ngihamba; ngiyakubathatha kungabi bikho obahlengayo.


Maningakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalokho ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.


U-Akhani, indodana kaZera, akenzanga yini isiphambeko ngokuqalekisiweyo, kwathi yonke inhlangano yakwa-Israyeli yehlelwa yintukuthelo, na? Akazange abhubhe yedwa ngenxa yesiphambeko sakhe.’ ”


Bakhetha onkulunkulu abasha, kwase kuba khona impi emasangweni. Phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli, ukhona yini owake waphatha isihlangu nomkhonto, na?


Kwathi ukuba uGideyoni afe, abakwa-Israyeli babuye baphinga noBhali, benza uBhali Bherithi waba ngunkulunkulu wabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ