Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 24:16 - IsiZulu 2020

16 Bamngcwaba emzini kaDavide namakhosi, ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, nakuNkulunkulu, nasendlini yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bammbela emzini kaDavide phakathi kwamakhosi, ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, nakuNkulunkulu, nasendlini yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bammbela emzini kaDavide phakathi kwamakhosi, ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, kuNkulunkulu nasendlini yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 24:16
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wayeselaliswa kokhokho bakhe, wambelwa emzini kaDavide.


Inkosi uJehowashi yabiza uJehoyada, umphristi, nabanye abaphristi, yathi kubo: “Kungani kuze kube manje izimfa zendlu zingalungisiwe na? Ngakho-ke ningabe nisayithatha imali kwabasondelene nani, kodwa niyinikelele izimfa zendlu.”


UJehoshafathi wayenabafowabo namadodana. Amadodana akhe kwakungu-Azariya, uJehiyeli, uZakhariya, u-Azariyahu, uMikhayeli noShefathiya; wonke lawa kwakungamadodana enkosi yakwa-Israyeli, uJehoshafathi.


Waqala ukubusa eneminyaka engama-32, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema. Wangcwatshwa engazange akhalelwe muntu. Bamngcwaba emzini kaDavide, kodwa hhayi emadlinzeni amakhosi.


UJehoyada wakhula waze wamdala, wafa esenelisiwe yizinsuku aziphilile; wayeneminyaka eyi-130 ngesikhathi efa.


Emveni kokufa kukaJehoyada, kwafika abaholi bakwaJuda, bakhuleka enkosini; inkosi yase iyabalalela.


UHezekiya wenza kanjalo kulo lonke elakwaJuda; wenza okuhle, nokulungile, nokuqotho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe.


Nkulunkulu wami, ngikhumbule kulokhu, ungakhohlwa ukwethembeka engikwenzile, ngikwenzela indlu yakho nomsebenzi owenziwa kuyo.


Kwathi ukuba abafundi bakhe bakuzwe lokho, beza, bathatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni.


“Madoda, bazalwane, ake ngisho lokhu kini ngesibindi mayelana nokhokho uDavide, ukuthi wafa, wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona nanamuhla.


Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza.


“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ