Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 24:14 - IsiZulu 2020

14 Zathi ukuba ziyiqede, zabuyisela enkosini nakuJehoyada yonke imali eyayisele. Kwenziwa ngayo izitsha zendlu kaSimakade, izitsha zokukhonzela nezokunikelela, izinkezo, nezinye izitsha zegolide nezesiliva. Base benikela ngeminikelo yokushiswa endlini kaSimakade, ngazo zonke izinsuku esaphila uJehoyada.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Sebeqedile baletha imali eseleyo phambi kwenkosi noJehoyada, benza ngayo izitsha zendlu kaJehova, izitsha zokukhonzela nezokunikelela, nezinkezo, nezinye izitsha zegolide nezesiliva. Banikela ngeminikelo yokushiswa endlini kaJehova njalo zonke izinsuku zikaJehoyada.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Sebeqedile, baletha imali eseleyo phambi kwenkosi noJehoyada, okwakwenziwe ngayo izitsha zendlu kaJehova, izitsha zokukhonza nezokuhlabela kanyekanye, nezinkezo nezitsha zegolide nezesiliva. Banikela ngeminikelo yokushiswa njalo endlini kaJehova zonke izinsuku zikaJehoyada.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 24:14
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

izindebe, izizenze, izitsha, izinkezo, imicengezi yomlilo, igolide elicwengekileyo, izingibe zegolide zezivalo zendlu engaphakathi, izicabha zendawo engcwelengcwele, nezicabha zendlu yethempeli, konke wakwenza ngegolide.


Kepha ababempofu balelo lizwe, induna yabalindi yabashiya ukuba banakekele izivini namasimu.


Imicengezi yomlilo, izitsha zegolide lodwa, nezesiliva lodwa, nalokho induna yabalindi yakuthatha.


ukunikela njalo kuSimakade, ngayo yonke iminikelo yokushiswa, ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo, njengokubalula komthetho wabo phambi kukaSimakade.


USolomoni wathumela kuHuramu, inkosi yaseThire, wathi: “Njengalokho wenza kuDavide, ubaba, wathumela kuye imisedari, ukuba akhe indlu, ahlale kuyo, yenza kanjalo-ke nakimi.


Izisebenzi zasebenza, kwathi umsebenzi wokulungiswa kwayo waqhubeka ezandleni zazo. Zayilungisa indlu kaNkulunkulu yaba sesimeni sayo, zayiqinisa.


UJehoyada wakhula waze wamdala, wafa esenelisiwe yizinsuku aziphilile; wayeneminyaka eyi-130 ngesikhathi efa.


UHezekiya wabeka abaphristi nabaLevi ngezigaba zabo, kwaba yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe, njengabaphristi nabaLevi beminikelo yokushiswa neyokuthula, ukuba bakhonze, babonge, badumise emasangweni enkambu kaSimakade.


bathi kuMose: “Abantu baletha izinto eziningi kakhulu kunalezo ezidingekileyo ukwenza umsebenzi uSimakade ayale ukuba wenziwe.”


Noma ungasigqula esigqulweni isiwula, usisile ngembokodo etsheni, kepha ubuwula baso abuyukusuka kuso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ