Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 24:13 - IsiZulu 2020

13 Izisebenzi zasebenza, kwathi umsebenzi wokulungiswa kwayo waqhubeka ezandleni zazo. Zayilungisa indlu kaNkulunkulu yaba sesimeni sayo, zayiqinisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Zase zisebenza-ke izisebenzi, zalungisa zaqeda ngezandla zazo, zayimisa indlu kaNkulunkulu ngezilinganiso zayo, zayiqinisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Izisebenzi zasebenza, umsebenzi waqedwa yizo, zamisa indlu kaNkulunkulu esimweni sayo, zayiqinisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 24:13
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathi: “USolomoni, indodana yami, usengumfana, akakaqini ukuba angakhela uSimakade indlu, ngokuba indlu okumele yakhelwe uSimakade kumele ibe yinhle kakhulu, ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni wonke; ngakho-ke ngizakuqala mina ukuyilungiselela.” UDavide wayilungiselela kakhulu engakafi.


Inkosi noJehoyada banika labo ababenza umsebenzi wokulungisa indlu kaSimakade, imali, baqasha abakhi nababazi ukuba bavuselele indlu kaSimakade, nabasebenza ngensimbi nethusi ukuba baqinise indlu kaSimakade.


Zathi ukuba ziyiqede, zabuyisela enkosini nakuJehoyada yonke imali eyayisele. Kwenziwa ngayo izitsha zendlu kaSimakade, izitsha zokukhonzela nezokunikelela, izinkezo, nezinye izitsha zegolide nezesiliva. Base benikela ngeminikelo yokushiswa endlini kaSimakade, ngazo zonke izinsuku esaphila uJehoyada.


Lapho uSanibhalathi, uThobiya, ama-Arabhu, ama-Amoni nama-Ashidodi, bezwa ukuthi ugange eJerusalema luyakhuphuka nokuthi izimfa ziyavalwa, bathukuthela kakhulu,


kwaze kwathi bonke abanamakhono ababenza imisebenzi eyehlukene endaweni engcwele beza kuMose, yilowo nalowo esuka emsebenzini ayewenza,


‘Ngubani phakathi kwenu osasele owayibona le ndlu ebukhazikhazini bayo bakuqala na? Niyayibona ukuthi isinjani manje? Ayifani yini nento eyize emehlweni enu na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ