Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 23:3 - IsiZulu 2020

3 Lonke ibandla lenza isivumelwano nenkosi endlini kaNkulunkulu; uJehoyada wathi kubo: “Bhekani, nansi indodana yenkosi, iyakubusa njengokusho kukaSimakade ngamadodana kaDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Lonke ibandla lenza isivumelwano nenkosi endlini kaNkulunkulu; uJehoyada wathi: “Bhekani, indodana yenkosi iyakubusa njengokukhuluma kukaJehova ngamadodana kaDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ibandla lonke lenza isivumelwano nenkosi endlini kaNkulunkulu. Wathi kubo: “Bheka, indodana yenkosi iyakuba yinkosi, njengalokho uJehova wakhuluma ngamadodana kaDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 23:3
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwase kufika wonke amalunga akwa-Israyeli enkosini uDavide eHebhroni. Inkosi uDavide yenza nawo isivumelwano eHebhroni phambi kukaSimakade, ayesemgcoba ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.


Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelile, usulele nokhokho bakho, bese ngibeka owozalo lwakho oyakuphuma ezibilini zakho, ngiyakuwuqinisa umbuso wakhe.


Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi simiswe, kuze kube phakade.” ’ ”


Ngalokho uSimakade uyakuqinisa izwi lakhe alikhuluma maqondana nami, lapho ethi: ‘Uma abozalo lwakho beyoqaphela indlela yabo, bahambe ngobuqotho phambi kwami ngenhliziyo yabo yonke nangawo wonke umphefumulo wabo, akuyukusweleka muntu kubo oyohlala esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli.’


ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, njengoba ngakhuluma kuDavide, uyihlo, ngathi: ‘Akunakwenzeka kungabi bikho muntu ovela kuwe esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaSimakade nenkosi nabantu, sokuba ngabantu bakaSimakade. Wenza futhi isivumelwano phakathi kwenkosi nabantu.


Wonke amalunga akwa-Israyeli eza enkosini eHebhroni. UDavide wenza nawo isivumelwano eHebhroni, phambi kukaSimakade. Amgcoba uDavide waba yinkosi kwa-Israyeli, njengokusho kwezwi likaSimakade ngomlomo kaSamuweli.


Kepha uSimakade akathandanga ukuyibhubhisa indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano ayesenze noDavide, wayethe uyakumnika yena nozalo lwakhe isibani, izinsuku zonke.


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabantu bonke nenkosi ukuba babe ngabantu bakaSimakade.


“Manje Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide, ubaba, lokho owakukhuluma kuyo uthi: ‘Akuyukwesweleka muntu kuwe, phambi kwami, oyohlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli. Uma nje abozalo lwakho beqaphela indlela yabo, ukuba bahambe emthethweni wami, njengalokhu wena uhambile phambi kwami.’


ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho njengoba ngenza kuDavide, uyihlo, ngathi: ‘Akuseyukwesweleka umuntu ovela kuwe ukuba abe ngumbusi kwa-Israyeli.’


Uzalo lwakhe ngiyolwenza lume kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi siyokuma, inqobo nje kusekhona isibhakabhaka.


Abozalo lwakhe bayakuma kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ