Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 23:18 - IsiZulu 2020

18 UJehoyada wabeka abaphristi nabaLevi ukuba bagade indlu kaSimakade. UDavide wayebehlukanisele indlu kaSimakade ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa kuSimakade, njengalokhu kulotshiwe emthethweni kaMose; bakwenze ngentokozo nangokuhuba, njengalokhu uDavide ayehlelile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 UJehoyada wamisa ababonisi bendlu kaJehova ngesandla sabapristi bamaLevi uDavide abahlukanisile endlini kaJehova bokunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ngentokozo nangokuhlabelela, njengokuhlela kukaDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UJehoyada wamisa izikhundla zendlu kaJehova ngesandla sabapristi bamaLevi uDavide abahlukanisa endlini kaJehova ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa kaJehova njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ngokuthokoza. Nangokuhlabelela, njengokunquma kukaDavide.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 23:18
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathi: “USimakade uNkulunkulu ka-Israyeli unikile abantu bakhe ukuphumula, uhleli eJerusalema, kuze kube phakade.


Wamisa abaLevi endlini kaSimakade bephethe amasimbali, izingubhu namahabhu njengalokhu uDavide noGadi, umboni wenkosi, noNathani umphrofethi, babeyalezile, ngokuba isiyalezo sasivela kuSimakade ngomlomo wabaphrofethi bakhe.


UHezekiya wayala ukuba kunikelwe ngomnikelo wokushiswa e-althare. Ngesikhathi kuqalwa ukunikela ngomnikelo wokushiswa, kwaqala nesihlabelelo sikaSimakade, amacilongo nezinye izinsimbi zokubethwa zikaDavide, inkosi yakwa-Israyeli.


UHezekiya, inkosi, nezikhulu bayala abaLevi ukuba badumise uSimakade ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa, umboni. Badumisa ngokuthokoza, bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.


Kwase kusukuma abaphristi nabaLevi babusisa abantu; izwi labo lezwakala, nomkhuleko wabo wafika endaweni kaSimakade engcwele, ezulwini.


Wabeka abaphristi ezikhundleni zabo, wabagqugquzela emsebenzini wendlu kaSimakade.


Bawukhuphula umphongolo, nethende lokuhlangana nazo zonke izinto ezingcwele ezazisethendeni; kwakhushulwa ngabaphristi nabaLevi.


Abaphristi nabaLevi bema ngokwezikhundla zabo, bephethe izinto ezishaywayo ezazenziwe nguDavide, inkosi, ukuba babonge uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade, ngesikhathi uDavide edumisa ngezandla zabo; abaphristi babeshaya amacilongo phambi kwabo, wonke u-Israyeli wayemile.


Babuye bawugubha ngentokozo umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, ngokuba uSimakade wayebathokozisile, waguqula inhliziyo yenkosi yase-Asiriya, yabeseka ukwakha kabusha indlu kaNkulunkulu ka-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ