Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 23:16 - IsiZulu 2020

16 UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabantu bonke nenkosi ukuba babe ngabantu bakaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabantu bonke nenkosi ukuba babe ngabantu bakaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabo bonke abantu naphakathi kwenkosi ukuthi bayoba abantu bakaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 23:16
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaSimakade nenkosi nabantu, sokuba ngabantu bakaSimakade. Wenza futhi isivumelwano phakathi kwenkosi nabantu.


Benza isivumelwano sokumfuna uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo ngayo yonke inhliziyo yabo, nangawo wonke umphefumulo wabo.


Bafunga phambi kukaSimakade ngezwi elikhulu, bakhamuluka ngamacilongo nangemitshingo.


Wonke uJuda wathokoza ngesifungo ababesenzile, ngokuba babefungile ngenhliziyo yabo yonke, bamfuna ngentando yabo yonke, bamfumana. USimakade wabanika ukuthula nxazonke.


Manje kusenhliziyweni yami ukuba ngenze isivumelwano noSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukuze ulaka lwakhe lusuke kithi.


Manje-ke masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu sokubalahla bonke laba besifazane nezingane zabo, ngokwesiluleko senkosi yami nalabo abayesabayo imithetho kaNkulunkulu wethu; makwenziwe njengokumisiweyo emthethweni.


“Ngenxa yakho konke lokho, manje sesenza isivumelwano, sisibhala phansi, abaholi bethu, abaLevi bethu nabaphristi bethu bashaya isigxivizo.”


Omunye uyakuthi: ‘NgingokaSimakade;’ omunye uyakuzibiza ngegama likaJakobe, omunye alobe esandleni sakhe, ngingokaSimakade, azibize ngegama lika-Israyeli.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ