Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 22:7 - IsiZulu 2020

7 Ukubhubha kuka-Ahaziya kwakuvela kuNkulunkulu, ngokuya kukaJoramu, eyombona. Ngesikhathi efika lapho waphuma noJehoramu ukuyobona uJehu, indodana kaNimishi, owayegcotshwe nguSimakade ukuba ashabalalise indlu ka-Ahabi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ukubhubha kuka-Ahaziya kwavela kuNkulunkulu ekuyeni kwakhe kuJoramu, ngokuba lapho esefikile khona waphuma noJehoramu ukulwa noJehu indodana kaNimishi, amgcobileyo uJehova ukuba anqume indlu ka-Ahabi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UNkulunkulu wambulala u-Ahaziya ngokuza kuJoramu; ngoba ekufikeni kwakhe waphuma loJoramu ukuya kuJehu indodana kaNimshi, amgcobileyo uJehova ukuthi achithe indlu kaAhabi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 22:7
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi ayibalalelanga abantu ngokuba lokho kwakuvela kuSimakade, ukuze kufezeke izwi uSimakade alikhuluma ngomlomo ka-Ahiya waseShilo kuJerobhowamu, indodana kaNebhathi.


‘Usho kanje uSimakade, uthi: ningakhuphuki ukuyolwa nabafowenu abantu bakwa-Israyeli; phindelani emuva, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba lokhu kuvela kimi.’ ” Balilalela izwi likaSimakade, baphindela emuva njengokusho kwakhe.


Ugcobe futhi noJehu, indodana kaNimishi, abe yinkosi kwa-Israyeli, bese ugcoba no-Elisha, indodana kaShafathi wase-Abhela Mehola, abe ngumphrofethi esikhundleni sakho.


USimakade, wathi: ‘Ngubani oyakuyenga u-Ahabi ukuba enyuke afele eRamothi Gileyadi na?’ “Omunye washo komunye.


UJehu wababulala bonke ababesasele bendlu ka-Ahabi eJizreyeli, zonke izikhulu zakhe, abazana naye, nabaphristi bakhe, akwaze kwasala noyedwa kubo.


UJehoramu wayesethi: “Bophelani.” Base beyibophela-ke inqola yakhe. UJehoramu, inkosi yakwa-Israyeli, no-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, baphuma bayomhlangabeza uJehu, kuyilowo nalowo egibele enqoleni yakhe. Bamfica esiqeshini sezwe likaNabothi waseJizreyeli.


U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, esekubonile lokho, wabaleka ngendlela eseBhethi Hagani, nokho uJehu wamhlala ezithendeni, wathi: “Mbulaleleni naye enqoleni yakhe.” Bambulala enqoleni yakhe emmangweni eGuri ongaseJibhileyamu. Wabalekela eMegido, wafela lapho.


Inkosi ayibalalelanga abantu, ngokuba lokho kwakuvela kuSimakade, ukuze uSimakade agcwalise izwi alikhuluma ngomlomo ka-Ahiya waseShilo kuJerobhowamu, indodana kaNebhathi.


Waphindela eJizreyeli ukuyokwelashwa amanxeba awathola eRama ngesikhathi elwa noHazayeli, inkosi yase-Aramu. U-Azariya, indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla wayombona uJehoramu, indodana ka-Ahabi, eJizreyeli, ngoba wayegula.


USimakade uzibonakalisile, wenzile ukwehlulela ngezandla zakhe, ngokucekela phansi ababi. Sela


Inhliziyo yomuntu iceba indlela yakhe, kodwa uSimakade uyaziqondisa izinyathelo.


owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,


Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


Niyakugxoba abangalungile, ngokuba bayakuba wuthuli phansi kwezinyawo zenu ngosuku engiyakukwenza ngalo,” kusho uSimakade Wamabandla.


Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.


Ngokuba kwakungukwenza kukaSimakade ukuba izinhliziyo zabo zibe lukhuluni, ukuze bazokulwa no-Israyeli abehlule abaqothule, angabi namusa kubo, kodwa ashaye icole, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Uyise nonina babengazi ukuthi lokhu kuvela kuSimakade, ngokuba wayefuna ithuba lokuthi alwe namaFilisti. Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ