2 iziKronike 22:6 - IsiZulu 20206 Waphindela eJizreyeli ukuyokwelashwa amanxeba awathola eRama ngesikhathi elwa noHazayeli, inkosi yase-Aramu. U-Azariya, indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla wayombona uJehoramu, indodana ka-Ahabi, eJizreyeli, ngoba wayegula. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE6 Wabuyela ukwelashwa eJizreyeli ngenxa yamanxeba ayemlimaze wona eRama ekulweni kwakhe noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Azariya indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla ukumbona uJehoramu indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20246 Wabuyela ukuphulukiswa eJizreyeli ngenxa yamanxeba awawathola eRama ekulweni kwakhe noHasayeli inkosi yase-Aramu. U-Azariya indodana kaJoramu, inkosi yakwaJuda, wehla ukuyobona uJoramu indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |