Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 21:7 - IsiZulu 2020

7 Kepha uSimakade akathandanga ukuyibhubhisa indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano ayesenze noDavide, wayethe uyakumnika yena nozalo lwakhe isibani, izinsuku zonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenzayo noDavide, njengokusho kwakhe ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenza noDavide, njengalokho ethembisile ukumnika yena namadodana akhe ukukhanya kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 21:7
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha u-Abhishayi, indodana kaZeruya, wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Ngenxa yalokho abantu bakaDavide bafunga phambi kwakhe, bathi: “Awusayukubuye uphume impi nathi, ukuze ungasicimi isibani sakwa-Israyeli.”


“Indlu yami ayinjalo yini kuNkulunkulu na? Ngokuba wenze nami isivumelwano saphakade; zonke izinto wazihlela, wazivikela. Yonke insindiso yami nokwenama kwami, uyakukuhlumisa.


Nokho angiyukuwuhlwitha wonke umbuso kuyo, kodwa ngiyoyinika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide, inceku yami, nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo.”


Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye vo ukuze uDavide, inceku yami, abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethe ukuba ngibeke iGama lami kuwo.


Nokho ngenxa kaDavide, uSimakade uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuphakamisa indodana yakhe emva kwakhe, nangokuqinisa iJerusalema.


USimakade wayengathandi ukumbhubhisa uJuda ngenxa kaDavide, inceku yakhe, nanjengokuba ayeshilo kuye ukuthi uyakumnika yena nezizukulwane zakhe isibani izinsuku zonke.


UJoramu wayeselaliswa kokhokho bakhe, wembelwa koyisemkhulu emzini kaDavide; u-Ahaziya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


UJehoshabheyathi, indodakazi yenkosi, yathatha uJowashi, indodana ka-Ahaziya, yameba emadodaneni enkosi ayebulawa, yamfihla ekamelweni lokulala, yena nomzanyana wakhe. UJehoshabheyathi, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada, umphristi, wayengudadewabo ka-Ahaziya, wamfihla, akaze akwazi u-Athaliya ukumbulala.


Lonke ibandla lenza isivumelwano nenkosi endlini kaNkulunkulu; uJehoyada wathi kubo: “Bhekani, nansi indodana yenkosi, iyakubusa njengokusho kukaSimakade ngamadodana kaDavide.


“Manje Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide, ubaba, lokho owakukhuluma kuyo uthi: ‘Akuyukwesweleka muntu kuwe, phambi kwami, oyohlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli. Uma nje abozalo lwakho beqaphela indlela yabo, ukuba bahambe emthethweni wami, njengalokhu wena uhambile phambi kwami.’


USimakade wafunga kuDavide, iqiniso angayukuguquka kulo, wathi: “Ovela okhalo lwakho ngiyombeka esihlalweni sakho sobukhosi.


Usichithile isivumelwano senceku yakho, wawungcolisa othulini umqhele wayo.


Yasiphakamisela uphondo lwensindiso endlini kaDavide, inceku yayo,


ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ