2 iziKronike 21:7 - IsiZulu 20207 Kepha uSimakade akathandanga ukuyibhubhisa indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano ayesenze noDavide, wayethe uyakumnika yena nozalo lwakhe isibani, izinsuku zonke. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE7 Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenzayo noDavide, njengokusho kwakhe ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20247 Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenza noDavide, njengalokho ethembisile ukumnika yena namadodana akhe ukukhanya kuze kube phakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
UJehoshabheyathi, indodakazi yenkosi, yathatha uJowashi, indodana ka-Ahaziya, yameba emadodaneni enkosi ayebulawa, yamfihla ekamelweni lokulala, yena nomzanyana wakhe. UJehoshabheyathi, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada, umphristi, wayengudadewabo ka-Ahaziya, wamfihla, akaze akwazi u-Athaliya ukumbulala.
“Manje Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide, ubaba, lokho owakukhuluma kuyo uthi: ‘Akuyukwesweleka muntu kuwe, phambi kwami, oyohlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli. Uma nje abozalo lwakho beqaphela indlela yabo, ukuba bahambe emthethweni wami, njengalokhu wena uhambile phambi kwami.’