Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 21:16 - IsiZulu 2020

16 USimakade wavusela uJehoramu umoya kumaFilisti, nakwabase-Arabhiya ababengamaKhushe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UJehova wavusa umoya wamaFilisti nowabase-Arabiya abaseceleni kwamaKushe ngoJehoramu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngaphezu kwalokho, uJehova wavusa umoya wamaFilisti nama-Arabiya ayesondelene namaKushe ngokumelene noJoramu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 21:16
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Intukuthelo kaSimakade yabuye yamvuthela u-Israyeli. Wamvusa uDavide ukuba amelane naye, ngokuthi kuye: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”


USimakade wathi kuSolomoni: “Njengoba wena wenze lokhu, awaze wasigcina isivumelwano sami nezimiso zami engakuyala ngakho, umbuso ngizowuhlwitha nokuwuhlwitha kuwe, bese ngiwunika inceku yakho.


USimakade wavusa ozomelana noSolomoni, uHadadi wakwa-Edomi; owayengowendlu yenkosi yakwa-Edomi.


UNkulunkulu wabuye wavusa omunye ozomelana noSolomoni, uRezoni, indodana ka-Eliyada, owayebalekele inkosi yakhe uHadadezeri, inkosi yaseZobha.


Abanye bamaFilisti baletha izipho kuJehoshafathi, nesiliva elaliyintela. Nabase-Arabhiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizi-7 700, nezimpongo eziyizi-7 700.


Izakhamuzi zaseJerusalema zambeka u-Ahaziya, indodana kaJehoramu encane, waba yinkosi esikhundleni sakhe, ngokuba iviyo labaphangi elafika enkanjini nabase-Arabhiya, babebabulele bonke abafowabo abadala. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu, waba yinkosi yakwaJuda.


UNkulunkulu wamsiza kumaFilisti, nakwabase-Arabhiya ababehlala eGuri Bhari nakumaMehuni.


USimakade wabehlisela abakhuzi bempi yenkosi yase-Asiriya. Zambamba uManase, zambopha ngamaketango nangozankosi, zamyisa eBhabhele.


Ngonyaka wokuqala kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kugcwaliseke izwi likaSimakade alikhuluma ngoJeremiya, uSimakade wavusa umoya kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, yase ishaya umthetho kuwo wonke umbuso wayo, yakhipha isimemezelo esibhaliweyo, esasithi:


Kwase kuthi izinhloko zemindeni yakwaJuda nezakwaBhenjamini, abaphristi nabaLevi, nabo bonke izinhliziyo zabo uNkulunkulu azithinta, balungiselela ukuhamba beyokwakha indlu kaNkulunkulu eJerusalema.


Phela nina nithathe isiliva negolide lami, nangenisa amagugu ami emathempelini enu,


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseGaza, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo ukuba babakhaphele ku-Edomi.


Lingabethwa yini icilongo emzini qede abantu bangathuthumeli na? Umuzi ungehlelwa yini yinhlekelele uma engayenzanga uSimakade na?


Ngakho-ke inkosi yami, inkosi uSawule, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma kunguSimakade okwenza ukuba umelane nami, makawamukele umnikelo, kodwa uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaSimakade, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingabi nenhlanganyelo efeni likaSimakade, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ