Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 21:11 - IsiZulu 2020

11 UJehoramu wabuye wenza izindawo eziphakemeyo ezintabeni zakwaJuda, waholela ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Futhi wenza izindawo eziphakemeyo ezindaweni zakwaJuda, wenza ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngaphezu kwalokho, wenza izindawo eziphakemeyo ezintabeni zakwaJuda futhi wenza ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge futhi waphoqelela uJuda ukuba enze kanjalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 21:11
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wakhela uKhemoshi isinengiso sabakwaMowabi, noMolokhi isinengiso sabakwa-Amoni indawo ephakemeyo entabeni eyayiphambi kweJerusalema.


Uyakumlahla u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobhowamu one ngazo, futhi wonisa ngazo u-Israyeli.”


Kunalokho wenze okubi ukwedlula bonke abakwendulela; uhambile wayozenzela onkulunkulu, nezinye izithombe ezibunjiweyo, wavusa ulaka lwami, wangitshinga nyovane.


“Ngenxa yokuba uManase, inkosi yakwaJuda, wenze lezi zinengiso, wenza okubi ukwedlula konke okwakwenziwe ngama-Amori ayephambi kwakhe, wonisa uJuda ngezithombe zakhe.


Kwathi ukuba uJoramu ambone uJehu, wayesethi: “Uze ngokuthula yini, Jehu na?” Wathi: “Ukuthula kwani, kusekuningi kangaka ukufeba nokulumba kukanyoko uJezebheli?”


U-Edomi wahlubuka phansi kwesandla sabakwaJuda, kuze kube namuhla. Kwase kusuka neLibhina lahlubuka ngaso leso sikhathi, ngokuba wayemshiyile uSimakade uNkulunkulu wokhokho bakhe.


kodwa uhambe ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, waholela uJuda nabakhileyo eJerusalema ekuphingeni, njengalokhu kwenza indlu ka-Ahabi, wabuye wabulala abafowenu bendlu kayihlo ababebahle kunawe;


UManase wamdukisa uJuda nezakhamuzi zaseJerusalema, benza okubi kunabezizwe uSimakade ababhubhisa phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Ngenxa yezenzo zabo baba ngabangcolileyo, baphinga ngezenzo zabo.


Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo.


uthathele amadodana akho amadodakazi abo aphinga nonkulunkulu babo, bese enza ukuba amadodana akho aphinge nonkulunkulu babo.


ububi babo, nobokhokho babo kanyekanye,” kusho uSimakade.


Ubonile ukuthi ngakho konke ukungethembeki kwakhe u-Israyeli, ohlubukayo angenqenanga ukumnika incwadi yesehlukaniso, nokho udadewabo uJuda akesabanga, naye uhambile wayofeba.


ngesikhathi sengibangenise ezweni engangifungile ukuthi ngiyobanika lona. Kwathi lapho bebona amagquma aphakemeyo nazo zonke izihlahla ezinamacembe, base benikela lapho ngemihlatshelo yabo, bangichukuluza ngeminikelo yabo, benza lapho kwaba nephunga elimnandi, bathululela lapho iminikelo yokuphuzwayo.


“Udadewabo u-Oholiba wakubona lokho, kodwa wonakala ngokwedlulele kunaye ekukhanukeni kwakhe, nasebufebeni bakhe obabedlula obukadadewabo.


Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, ugubhu, igemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu onganophula esandleni sami na?”


U-Efrayimi udla umoya, uxoshana nomoya wasempumalanga, abhebhethekise amanga nobudlova imihla yonke. Wenza isivumelwano ne-Asiriya, athumele amafutha eGibhithe.


“Nakuba wena Israyeli ufeba, uJuda makangabi nacala; ungayi eGiligali, ungakhuphukeli eBhethi Aveni, ungafungi ngokuphila kukaSimakade.


ukuze bangaphinde banikele imihlatshelo yabo emadimonini abaphinga nawo. Lokhu kuyokuba yisimiso esiphakade kubo, ezizukulwaneni zabo.’


Mina uqobo ngiyakumelana nalowo muntu nomndeni wakhe, ngimnqume kubantu bakubo nabo bonke abahamba naye bayophinga, bephinga noMolekhi.


“Maye, kophuzisa umakhelwane wakhe, athulule ulaka lwakhe, amdakise, ukuze abuke ubunqunu bakhe!


USimakade wathi kuMose: “Bheka, usuzoyolala noyihlomkhulu; laba bantu bayakusuka, bayophinga nonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bayakungishiya, basaphule isivumelwano engisenze nabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ