Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 21:10 - IsiZulu 2020

10 U-Edomi wahlubuka phansi kwesandla sabakwaJuda, kuze kube namuhla. Kwase kusuka neLibhina lahlubuka ngaso leso sikhathi, ngokuba wayemshiyile uSimakade uNkulunkulu wokhokho bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Wahlubuka-ke u-Edomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla; khona lahlubuka neLibina ngasona leso sikhathi phansi kwesandla sakhe, ngokuba wayemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Abakwa-Edomi bahlubuka phansi kwesandla sikaJuda kuze kube namuhla. Ngaleso sikhathi iLibina yahlubuka phansi kwesandla sakhe; ngoba wamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 21:10
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi kuJerobhowamu: “Zithathele imidweshu ibe lishumi, ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngizowuhlwitha umbuso esandleni sikaSolomoni, nginike wena izizwana ezilishumi.


ngoba bangishiyile, bayokhuleka ku-Ashitharothi unkulunkulu wamaSidoni, uKhemoshi, unkulunkulu wabakwaMowabi, nakuMilikhomu, unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami, ukuba benze okuhle emehlweni ami, abazilandela izimiso zami, nezehlulelo zami njengoDavide, uyise.


URabi Shake waphindela emuva, emveni kokuba ezwe ukuthi inkosi isukile eLakhishi, wayifumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibhina.


“Kepha thina, uSimakade unguNkulunkulu wethu, asimfulathelanga, sinabaphristi abamkhonzayo uSimakade emisebenzini yabo, abozalo luka-Aroni nolukaLevi.


u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.


UJehoramu wabuye wenza izindawo eziphakemeyo ezintabeni zakwaJuda, waholela ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda.


Emihleni yakhe abakwa-Edomi bahlubuka phansi kwesandla sikaJuda, bazibekela eyabo inkosi.


UJehoramu wayesewela nezinduna zakhe zonke, nezinqola zakhe zonke, wavuka ebusuku, wababhubhisa abakwa-Edomi ababemzungezile nezinduna zezinqola.


UPheka, indodana kaRemaliya, wabulala izinkulungwane eziyizi-120 000 kwaJuda ngasuku lunye, bonke babengamadoda anamandla, ngokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Kodwa abahlubuki bayobhujiswa kanye nezoni; nalabo abashiya uSimakade bayoqedwa nya.


“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, Mina mthombo wamanzi aphilileyo; bazigubhela imithombokwakhiwa, imithombokwakhiwa evuzayo, engenakuwagcina amanzi.


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo lusuku, ngiyakubashiya, ngibafulathele; bayakudliwa, behlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo lusuku: ‘Lezi zinhlupheko azisehlelanga yini ngoba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’


Bangenze nganesikhwele ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisa ngokuyize kwabo; ngiyobenza babe nesikhwele ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.


UJoshuwa wasuka eMakheda nabo bonke abakwa-Israyeli, baya eLibhina, balwa nalo.


IHebhroni umuzi wokuphephela umbulali namadlelo alo, iLibhina namadlelo alo, bakunika abozalo luka-Aroni umphristi,


Nokho ningishiyile, nayokhonza abanye onkulunkulu, ngakho-ke angisayukubuye nginikhulule.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ