Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 20:9 - IsiZulu 2020

9 ‘Uma sehlelwa ngokubi, inkemba, ukwehlulelwa, ubhubhane, nendlala, siyakuma phambi kwale ndlu naphambi kwakho, ngokuba igama lakho likule ndlu; sikhale kuwe ekuhluphekeni kwethu, Wena uyakusizwa usisindise.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 ‘Uma sehlelwa ngokubi, inkemba, nokwahlulelwa, nesifo, nendlala, siyakuma phambi kwale ndlu naphambi kwakho, ngokuba igama lakho likule ndlu, sikhale kuwe ekuhluphekeni kwethu, uyakuzwa, usisindise.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uma, lapho ububi busehlela, njengenkemba, isahlulelo, noma isifo, noma indlala, sima phambi kwale ndlu naphambi kobuso bakho (ngokuba igama lakho likule ndlu) bese ubiza osizini lwethu, khona-ke uzozwa futhi usize.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 20:9
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ukulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli abayakukukhuleka bekule ndawo, kuzwe usendaweni yakho ohlala kuyo ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele.


“Lapho abantu bakho u-Israyeli benqotshwa yisitha, ngenxa yokuba bonile kuwe, kepha bese bebuya bephindela kuwe, balivume igama lakho, bakhuleke, becela umusa kuwe bekule ndlu,


“Uma kukhona indlala ezweni, ubhubhane, ukuhwamuka, isikhutha, isikhonyane, umswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni emasangweni abo, noma ngabe iyiphi inhlupheko nobhubhane,


Bahlala kulo, bakwakhela kulo indlu engcwele ukuba ibe ngeyegama lakho, bethi:


Amehlo akho mawayibheke le ndlu ubusuku nemini, indawo owakhuluma ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka kule ndawo.


‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibhithe angikhethanga muzi ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi wabantu bami u-Israyeli,


Kwathi u-Ezra esakhuleka evuma izono, ekhala, ezilahle phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, isixuku esikhulu sabakwa-Israyeli sabuthana lapho, amadoda, abesifazane, nezingane, bonke babekhala kalusizi.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Ngokuba nguYena oyokuhlenga ogibeni lomcuphi nasobhubhaneni,


Niyakungakhela i-althare ngomhlabathi, nenze phezu kwalo imihlatshelo yokushishwa neyokuthula, ngezimvu nezinkomo zenu, kuzo zonke izindawo lapho ngenza khona ukuba igama lami likhunjulwe, ngiyakuza nginibusise.


Ilalelisise, futhi uyithobele. Ungayivukeli, ngokuba ayiyukuzithethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.


“Ngokuba lapho kuhlangene khona ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ