Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 20:7 - IsiZulu 2020

7 Wena Nkulunkulu wethu awuxoshanga yini phambi kwabantu bakho, u-Israyeli, ababakhe kuleli lizwe, walinika abozalo luka-Abhrahama, umngani wakho, kuze kube phakade na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Awuxoshanga yini, Nkulunkulu wethu, abakhileyo kuleli zwe phambi kwabantu bakho u-Israyeli, wanika lona inzalo ka-Abrahama umngane wakho kuze kube phakade, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Awusiye uNkulunkulu wethu yini owaxosha abakhileyo kuleli zwe phambi kwabantu bakho u-Israyeli, walinika inzalo ka-Abrahama umngane wakho kuze kube phakade na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 20:7
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade wazibonakalisa ku-Abhrama, wathi: “Leli lizwe ngiyolinika isizukulwane sakho.” U-Abhrama wayesakha lapho i-althare likaSimakade owayezibonakalise kuye.


ngokuba lonke leli lizwe olibonayo ngizokunika lona; wena nezizukulwane zakho, kuze kube phakade.


Ngiyakumisa isivumelwano esiphakade phakathi kwami nawe, nezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wakho nowazo.


U-Asa wakhala kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, akekho ngaphandle kwakho ongasiza nongenamandla phakathi kwabaningi. Sisize, Simakade Nkulunkulu wethu, ngokuba sethembele kuwe, siphumile egameni lakho ukuzobhekana nalolu quqaba. Simakade, Wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”


Bahlala kulo, bakwakhela kulo indlu engcwele ukuba ibe ngeyegama lakho, bethi:


Wayithola inhliziyo yakhe yethembekile kuwe, wenza isivumelwano naye, wethembisa ukwabela abozalo lwakhe izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaJebusi namaGirigashi, wakufeza owawukwethembisile ngokuba ulungile.”


Wena ngesandla sakho, waxosha izizwe, bona wabatshala; wazibhubhisa izizwe, bona wabakhulula.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo.


Ukhiphe umvini eGibhithe, wasusa izizwe, wawutshala.


“NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Ngizothuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, ama-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.


Ngizonithatha nibe ngabantu bami, futhi ngibe nguNkulunkulu wenu. Niyokwazi ukuthi Mina Simakade nginguNkulunkulu wenu, onikhululile emithwalweni yabaseGibhithe.


“Kepha wena Israyeli, nceku yami, wena Jakobe engikukhethileyo, wozalo luka-Abhrahama umngani wami,


Wakukhuluma lokho, qede wathi kubo: “ULazaru, umngani wethu ulele, kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni.”


Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa yinkosi yayo, kodwa nginibize ngabangani ngokuba konke engikuzwile kuBaba, nginazisile khona.


waxosha izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe phambi kwakho, ukuze akungenise, akunike izwe lazo, libe yifa lakho njengoba kunjalo nanamuhla.


Kwagcwaliseka umbhalo othi: “U-Abhrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga.” Wayesebizwa ngokuthi ungumngani kaNkulunkulu.


Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.


Ngokuba uSimakade uzixoshile phambi kwenu izizwe ezinkulu nezinamandla; nina-ke akukho muntu okwazile ukumelana nani kuze kube namuhla.


Nganinika izwe eningalikhandlekelanga nemizi eningayakhanga, nihlala kuyo; nidla izithelo zemivini nezeminqumo eningakutshalanga.’


Ngamthatha ukhokho wenu u-Abhrahama ngaphesheya komfula, ngamhola edabula lonke iKhanani, ngenza isizukulwane sakhe saba singi, ngamnika u-Isaka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ