Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 20:4 - IsiZulu 2020

4 UJuda wabuthana ukuba acele usizo kuSimakade. Baphuma kuyo yonke imizi yakwaJuda ukuzofuna uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJuda wabuthana ukucela ukusizwa nguJehova; baphuma emizini yonke yakwaJuda, bafika ukumfuna uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJuda wabuthana ukuba acele usizo kuJehova; beza bephuma kuyo yonke imizi yakwaJuda ukumfuna uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 20:4
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emva kokuhamba kwabo, kwalandela ababevela kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli, ababenhliziyo ziphokophelele ukufuna uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, baya eJerusalema ukuyohlabela uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Wabeka abehluleli ezweni nasemizini yonke yakwaJuda ebiyelweyo, imizi ngemizi.


UJehoshafathi wema ebandleni lakwaJuda nelaseJerusalema endlini kaSimakade, phambi kwegceke elisha,


bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ngisezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


Ngase ngimemezela ukuzila ngasemfuleni i-Ahava nokuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu wethu, sizicelele indlela enhle nephephile, thina nabantwana bethu, nayo yonke impahla yethu.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


KuNkulunkulu engidumisa izwi lakhe, kuNkulunkulu ngibeka ithemba lami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?


Ngokuba uNkulunkulu uzolisindisa iZiyoni, ayakhe imizi yakwaJuda, bahlale kuyo, libe yifa labo.


Memezelani usuku olungcwele lokuzila ukudla, nibize umhlangano, niqoqele amalunga nazo zonke izakhamuzi zezwe endlini kaSimakade uNkulunkulu wenu, nikhale kuSimakade.


Ngokuba usho kanje uSimakade kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Ngifuneni, niphile.


Qoqanani, nihlangane ndawonye, sizwe esingenamahloni,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ