Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 20:34 - IsiZulu 2020

34 Ezinye izindaba zikaJehoshafathi, ezakuqala nezakamuva; bheka, zilotshiwe ezindabeni zikaJehu, indodana kaHanani, ezifakwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Ezinye izindaba zikaJehoshafati, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe ezindabeni zikaJehu indodana kaHanani ezifakwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Ezinye izindaba zikaJehoshafati, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe encwadini kaJehu indodana kaHanani ekulotshweni kwayo encwadini yamakhosi akwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 20:34
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ezinye izindaba zikaJerobhowamu, ukuthi walwa kanjani nokuthi wabusa kanjani, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.


Izwi likaSimakade lafika kuJehu, indodana kaHanani, limelene noBhahasha, lathi:


UZimri wayishaya wayibhuqa yonke indlu kaBhahasha njengokwezwi uSimakade ayelikhulume kuBhahasha ngomlomo kaJehu umphrofethi,


Izwi likaSimakade lafika ngoJehu, indodana kaHanani umphrofethi, mayelana noBhahasha nendlu yakhe, ngenxa yabo bonke ububi ayebenze phambi kukaSimakade ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobhowamu ayiqothula.


Ezinye izindaba zikaJehoshafathi, amandla awabonakalisa, nokulwa kwakhe, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?


Izindaba zikaRehobhowamu, ezakuqala nezokugcina, azilotshiwe yini ezindabeni zikaShemaya umphrofethi, nezika-Ido umboni, ngokwezizukulwane, nezimpi zikaRehobhowamu noJerobhowamu zonke izinsuku zabo na?


Ezinye izindaba zika-Abhiya, izindlela zakhe, namazwi akhe, kulotshiwe esichasiselweni somphrofethi u-Ido.


Bheka, izindaba zika-Asa, ezakuqala nezakamuva, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli.


Ngaleso sikhathi kwafika uHanani, umboni ku-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngenxa yokuba manje uthembele enkosini yase-Aramu, awuthembelanga kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngakho-ke impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.


UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho.


Ezinye izindaba zika-Amaziya, ezakuqala nezakamuva, bheka, azilotshiwe yini encwadini yamakhosi akwaJuda nawakwa-Israyeli na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ