Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 20:3 - IsiZulu 2020

3 UJehoshafathi wesaba, wayesezinikela, wafuna uSimakade, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke elakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UJehoshafati wayeseshaywa luvalo, wabhekisa ubuso bakhe ukumfuna uJehova, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke lwakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJehoshafati wesaba, waqala ukumfuna ukumfuna uJehova, wamemezela usuku lokuzila ukudla kwaJuda wonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 20:3
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emva kokuhamba kwabo, kwalandela ababevela kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli, ababenhliziyo ziphokophelele ukufuna uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, baya eJerusalema ukuyohlabela uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Nokho kufunyaniswe kuwe izinto ezinhle. Ubasusile o-Ashera ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”


bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ngisezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.


Kwathi ngosuku lwama-24, lwaleyo nyanga, abakwa-Israyeli bahlangana ngosuku lokuzila ukudla, bembatha indwangu eyisaka, bazithela ngenhlabathi.


“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Kwathi ngonyaka wesihlanu wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye, bonke abantu baseJerusalema nabo bonke ababevela emizini yakwaJuda, beza eJerusalema, bamemezela ukuzila phambi kukaSimakade.


Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ngakhuleka, nganxusa ngokuzila ukudla, nangendwangu eyisaka, nangomlotha.


Memezelani usuku olungcwele lokuzila ukudla, nibize umhlangano, niqoqele amalunga nazo zonke izakhamuzi zezwe endlini kaSimakade uNkulunkulu wenu, nikhale kuSimakade.


Ngokuba usho kanje uSimakade kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Ngifuneni, niphile.


Amatilosi amesaba kakhulu uSimakade, anikela kuye umhlatshelo, enza nezifungo.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni.


Abakwa-Israyeli, yonke impi, babuyela eBhethele, bakhala, behleli lapho phambi kukaSimakade, bazila ukudla ngalolo lusuku kwaze kwaba kusihlwa. Base benikela phambi kukaSimakade ngemihlatshelo yokushiswa nangemihlatshelo yokuthula.


Ngakho-ke abakwa-Israyeli babuthana eMizpha. Bakha amanzi, bawathulula phambi kukaSimakade, bazila, bathi: “Sonile kuSimakade.” USamuweli wabehlulela abantu bakwa-Israyeli eMizpha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ