Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 20:22 - IsiZulu 2020

22 Kwathi ukuba baqale ukuhalalisa nokudumisa, uSimakade wababekela abazobalalela unyendle abakwa-Amoni, abakwa-Mowabi, nabasentabeni iSeyiri ababephumele ukumelana noJuda, banqotshwa bonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Lapho sebeqala ukuhalalisa nokudumisa, uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseSeyiri, ababefikele uJuda, banqotshwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Lapho sebeqala ukuhlabelela nokudumisa, uJehova wabeka abaqamekeli babantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nasezintabeni zaseSeyiri ababefikele uJuda; bashaywa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 20:22
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngimemeza uSimakade ofanele ukudunyiswa, ngisindiswe ezitheni zami.


U-Elisha wakhuleka, wathi: “Simakade, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” USimakade wawavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo zika-Elisha nxazonke.


UJerobhowamu wayebalalele unyendle wabazungeza, ukuze aqhamuke ngemuva nangaphambili kukaJuda.


Abantu bakwaJuda base benza isaho, bekhuza iziqubulo zempi, kwathi lapho abakwaJuda bekhamuluka, uNkulunkulu washaya uJerobhowamu no-Israyeli wonke phambi kuka-Abhiya noJuda.


“Ngakho-ke ake ubheke, abakwa-Amoni, abakwaMowabi nabasentabeni iSeyiri, ongamvumelanga u-Israyeli ukuba ababhubhise ngesikhathi ephuma eGibhithe, kunalokho wabachezukela, akaze ababhubhisa.


Emihleni yakhe abakwa-Edomi bahlubuka phansi kwesandla sikaJuda, bazibekela eyabo inkosi.


Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade.


Izintambo zokufa zangizungeza, izikhukhula zembubhiso zangikhungatha.


“Ngizonyakazisa abaseGibhithe bavukelane bodwa, umfowabo alwe nomfowabo, umakhelwane alwe nomakhelwane, umuzi ulwe nomuzi, nombuso ulwe nomunye umbuso.


Ngiyakumbizela inkemba uGogi imelane naye, ivela kuzo zonke izintaba zami, inkemba yalowo nalowo iyakumelana nomfowabo.


Lapho sekungokwesikhombisa, abaphristi sebewashayile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Memezani kakhulu, ngokuba uSimakade uwunikele kini lo muzi.


Ngesikhathi eshaya amacilongo angama-300, uSimakade wenza ukuba izitha zibulalane zodwa, yonke impi yesitha; impi yabaleka yaze yayofika eBhethi Shitha ngaseZerera, nasemngceleni wase-Abhela Mehola ngaseThabhathi.


Abaqaphi bakaSawule eGibheya kwaBhenjamini babona isixuku sihlakazeka, siya ngapha nangalaphaya.


USawule wabiza bonke abantu ababenaye, bahamba baya ukuyolwa. Kwaba yilowo nalowo wasingena ngenkemba isitha, yatholana phezulu kwashunqa uthuli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ