Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 20:20 - IsiZulu 2020

20 Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane eThekhowa. Ngesikhathi bephuma, uJehoshafathi wasukuma, wathi: “Ngilaleleni, Juda nani zakhamuzi zaseJerusalema! Methembeni uSimakade uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa. Bethembeni abaphrofethi bakhe, niyakuphumelela.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Bavuka ekuseni kakhulu, basuka baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo, uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda, nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 20:20
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Ake uzishaye olilayo, ugqoke inzilo, ungazigcobi ngamafutha, ube njengowesifazane oselile izinsuku eziningi elilela ofileyo,


U-Ashuri, uyise kaThekhowa, wayenabafazi ababili, uHela noNahara.


AbaLevi, abozalo lwamaKhohathi nolwamaKhorahi, basukuma badumisa uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezwi elikhulu kakhulu.


Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.


U-Israyeli wawabona amandla amakhulu abonakaliswa nguSimakade phezu kwabaseGibhithe, abantu bakholwa nguSimakade nayinceku yakhe uMose.


Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo, ngokuba yethemba kuwe.


Ngakho-ke, ithi iNkosi uSimakade: “EZiyoni ngibeka itshe lesisekelo elivivinyekileyo, itshe legumbi eliyigugu elinqabileyo lesisekelo soqobo, owethembayo akayukuxhamazela.


Inhloko yakwa-Efrayimi yiSamariya, inhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyukuma.’ ”


Kepha uJeremiya, wathi: “Abayukukunikela. Ake ulilalele izwi likaSimakade engilikhuluma kuwe, ukuze kube kuhle kuwe, usindise umphefumulo wakho.


“Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.


Inkosi yajabula kakhulu, yayala ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa kuwo, akutholakalanga myocu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.


“Kepha u-Abhrahama wathi kuso: ‘Uma bengakulaleli okushiwo nguMose nabaphrofethi, abayukuzwa, noma kungavuka umuntu kwabafileyo.’ ”


UJesu wathi kuye: “Angikutshelanga yini ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu na?”


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: owamukela noma ngubani engimthumileyo, wamukela Mina; owamukela Mina, wamukela ongithumileyo.”


“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


kodwa-ke ngaphandle kokukholwa, kulukhuni ukumthokozisa, ngokuba lowo ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi uyabavuza labo abamfunayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ