Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 20:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi emveni kwalokho kwafika abakwaMowabi nabakwa-Amoni nabanye bakwaMehuni bezokulwa noJehoshafathi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi emva kwalokho kwafika abantwana bakwaMowabi nabantwana bakwa-Amoni benabanye bamaMehuni kuJehoshafati, beyokulwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngasemuva abantwana bakwaMowabi nabantwana bakwa-Amoni nabanye kanye nabo ngaphandle kwabantwana bakwa-Amoni benyuka bamelana noJehoshafati ukulwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 20:1
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Labo bafika ngezinsuku zikaHezekiya, inkosi yakwaJuda, babhubhisa amathende abo nawamaMehuni atholakala lapho, babaqothula kuze kube namuhla, base behlala endaweni yabo, ngokuba bathola idlelo lemfuyo yabo lapho.


U-Asa wayenamabutho ayizi-300 000, aphatha izihlangu nemikhonto, ayevela kwaJuda, nalawo ayevela kwaBhenjamini eyizi-280 000, ayephatha amahawu, nansala ngeminsalo. Wonke lawo mabutho ayengamaqhawe anamandla.


“Bheka, u-Amariya, umphristi, nguye onengamele nazo zonke izindaba zikaSimakade. UZebadiya, indodana ka-Ishmayeli, umholi wendlu yakwaJuda, uyokwengamela zonke izindaba eziqondene nenkosi. AbaLevi bayakuba yizikhulu eziniholayo. Yenzani ngesibindi, uSimakade uyakuba nabalungileyo.”


UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho.


Wabeka abehluleli ezweni nasemizini yonke yakwaJuda ebiyelweyo, imizi ngemizi.


“Ngakho-ke ake ubheke, abakwa-Amoni, abakwaMowabi nabasentabeni iSeyiri, ongamvumelanga u-Israyeli ukuba ababhubhise ngesikhathi ephuma eGibhithe, kunalokho wabachezukela, akaze ababhubhisa.


UNkulunkulu wamsiza kumaFilisti, nakwabase-Arabhiya ababehlala eGuri Bhari nakumaMehuni.


Emveni kwalezo zinto nesibonelo sokuthembeka kwafika uSenaheribhi, inkosi yase-Asiriya, wangena kwaJuda, wakanisa maqondana nemizi ebiyelweyo, wathi uzongena kuyo ngendlovuyangena.


Sizwile ngokuziqhayisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu, nangokuzidla kwakhe, nokuqhosha kwakhe, nokuchwensa kwakhe; ukuzikhukhumeza kwakhe kuyize.


Kwathi ngezinsuku zika-Ahazi, indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uRezini, inkosi yase-Aramu benoPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphuka bayokulwa neJerusalema, kodwa abakwazanga ukulinqoba.


Simakade, ngiqondise ngobulungiswa, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungiphendule into engelutho.


Kubantu bakwa-Amoni. Usho kanje uSimakade, uthi: “Kanti u-Israyeli akanamadodana, akanandlalifa na? Kungani inkosi yabo idle elakwaGadi, nabantu bayo bahlala emizini yakhona na?


“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ