2 iziKronike 2:4 - IsiZulu 20204 Ngizokwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho enuka kahle, njalo kubekwe izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaSimakade uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE4 Bheka, ngiyakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho ethaphukayo, kubekwe njalo izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20244 Bheka, ngakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngiyingcwelise, ngishise impepho phambi kwakhe, kube yizinkwa zokubukwa njalonjalo, kube ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga, emikhosini kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho waphakade kwa-Israyeli. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
eyosetshenziselwa ukubhaka isinkwa esibekwa ethempelini, neminikelo yansuku zonke yokusanhlamvu neyokushiswa, neminikelo yangeSabatha, nemikhosi yokwethwasa kwenyanga, neminye imikhosi emisiweyo, neminikelo yesono eyenzelwa inhlawulo yezono zika-Israyeli, nawo wonke umsebenzi wasendlini kaNkulunkulu wethu.