2 iziKronike 2:3 - IsiZulu 20203 USolomoni wathumela kuHuramu, inkosi yaseThire, wathi: “Njengalokho wenza kuDavide, ubaba, wathumela kuye imisedari, ukuba akhe indlu, ahlale kuyo, yenza kanjalo-ke nakimi. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE3 USolomoni wathumela kuHiramu inkosi yaseTire, wathi: “Njengalokho wakwenza kuDavide ubaba, wathuma kuye imisedari,* azakhele ngayo indlu ukuba ahlale kuyo, yenze njalo nakimi. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20243 USolomoni wasethumela kuHiramu inkosi yeTire ukuthi: Njengoba wenza kubaba uDavida, wamthumelela imisedari yokuzakhela indlu yokuhlala, yenza njalo kimi. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Zathi ukuba ziyiqede, zabuyisela enkosini nakuJehoyada yonke imali eyayisele. Kwenziwa ngayo izitsha zendlu kaSimakade, izitsha zokukhonzela nezokunikelela, izinkezo, nezinye izitsha zegolide nezesiliva. Base benikela ngeminikelo yokushiswa endlini kaSimakade, ngazo zonke izinsuku esaphila uJehoyada.
“Ngonyaka wokuqala wokubusa kwenkosi uKhoresi, yashaya umthetho othi: maqondana nendlu kaNkulunkulu eseJerusalema mayakhiwe kabusha, indawo lapho imihlatshelo yayinikelelwa khona neminikelo yokushiswa eyayilethwa khona, ubude bayo kumele bube ngamakhubhithi angama-60, nobubanzi bayo bube ngamakhubhithi angama-60.