Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 2:10 - IsiZulu 2020

10 Bheka, ngiyakunika izinceku zakho ezigawula imithi, amakhora kakolo ayizi-20 000, amakhora ebhali ayizi-20 000, amabhati ewayini ayizi-20 000, namabhati ayizi-20 000 amafutha.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Bheka, ngiyakunika izinceku zakho, abagawuli abagawula imithi, amakhora* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni obhuliweyo, namakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ebhali,* namabhati* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ewayini, namabhati ayizinkulungwane ezingamashumi amabili amafutha.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Bheka, ngiyakunika izinceku zakho, abagawuli bemithi, amashekeli ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni, namabhake ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ebhali, nezimbiza zewayini eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili, nezimbiza zamafutha eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 2:10
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wamnika uHiramu amakhora ayizi-20 000 kakolo, ukudla kwabendlu yakhe, namakhora angama-20 amafutha akhanyiweyo. USolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka.


Uhlonze lwalo lwalubanzi ngangesandla, umphetho walo unjengodini lwendebe, lunjengembali yomduze, lulingana namabhathi ayizi-2 000.


Wenza imicengezi yethusi elishumi; umcengezi ngamunye wawulingene namabhathi angama-40; yilowo nalowo mcengezi wawungamakhubhithi amane, naphezu kwezinqe ezilishumi ngazinye, kwakukhona umcengezi owodwa.


UDavide waqonda ukuthi uSimakade wayembekile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.


“Ngakho-ke ukolo, ibhali, amafutha, newayini inkosi yami ekhulume ngakho, mayikuthumele kuzo izinceku zayo.


ukungilungisela imithi eminingi, ngoba indlu engiyakuyakha iyakuba nkulu ngokumangalisayo.


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu wakho okwaba kuhle kuye ukuba akubeke esihlalweni sakhe sobukhosi, ube yinkosi kuSimakade uNkulunkulu wakho. Ngokuba uNkulunkulu wakho uyamthanda u-Israyeli futhi uyathanda ukummisa kuze kube phakade, yingakho ekubeke waba yinkosi phezu kwakhe, ukuba wenze ubulungiswa nokulunga.”


Abantu bakhokhela ababazi bamatshe, nababazi bokhuni, nabakhi imali; banika amaSidoni nabaseThire ukudla, okuphuzwayo namafutha ukuze balande imisedari eLebhanoni, bayilethe olwandle eJopha, ngokwemvume kaKhoresi, inkosi yasePheresiya.


kuze kufike ekhulwini lamathalenta esiliva, nekhulu lamakhora kakolo, amabhathi ayikhulu ewayini, amabhathi alikhulu amafutha, nosawoti ongenakubalwa.


Hlalani kuleyo ndlu, nidle, niphuze abanipha khona, ngokuba isisebenzi siyifanele inkokhelo yaso. Ningaphumi ningena izindlu ngezindlu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ