Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 2:1 - IsiZulu 2020

1 USolomoni wakhipha umyalo wokuba kwakhelwe igama likaSimakade indlu nesigodlo sombuso wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 USolomoni wahlosa ukwakhela igama likaJehova indlu kanye nendlu yombuso wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 USolomoni wanquma ukwakhela igama likaJehova indlu, nendlu yombuso wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 2:1
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wayenabathwala imithwalo abayizi-70 000, nababazi bamatshe ezintabeni abayizi-80 000,


Ngicabanga ukwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, njengalokhu uSimakade asho kuDavide ubaba, wathi: ‘Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’


USolomoni wasakha isigodlo sakhe wasiqeda ngeminyaka eli-13.


Kepha uSimakade wathi kuDavide, ubaba: ‘Njengokuba kusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle, ngokuba kusenhliziyweni yakho lokho;


“USimakade uliqinisile izwi alikhulumayo, ngokuba mina ngingenile esikhundleni sikaDavide, ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kukaSimakade, ngilakhele indlu igama likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Kwathi uSolomoni eseqedile ukwakha indlu kaSimakade nesigodlo senkosi, nakho konke ayefisile ukukwenza,


Uyakulakhela igama lami indlu; uyakuba yindodana yami, Mina ngibe nguyise. Isihlalo sakhe sobukhosi sombuso wakhe kwa-Israyeli ngiyosimisa kuze kube phakade.’


Bathenga eGibhithe inqola, bayidayisa ngamashekeli esiliva angama-600, ihhashi lilinye libiza amashekeli ayi-150. Bathengisela wonke amakhosi amaHithi namakhosi ama-Aramu ngaleyo ndlela.


UHuramu wabuye wathi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli owenza izulu nomhlaba, nowanika uDavide, inkosi, indodana ehlakaniphileyo, enolwazi nokuqonda, ezokwakhela uSimakade indlu nesigodlo sasebukhosini.


Kuyokuthi indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale kuyo igama lakhe, nikuyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wokuphakanyiswa womkhiqizo wenu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa uSimakade.


Kepha indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha, kuzo zonke izizwe zenu, ukuba abeke igama lakhe lihlale kuyo, leyo ndawo niyakuyifuna, niye kuyo,


“Uma ungaqapheli ukuwenza wonke amazwi alo mthetho alotshwe kule ncwadi ukuba ulesabe igama lakhe elidumisekayo nelesabekayo elithi USIMAKADE UNKULUNKULU WAKHO,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ