Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 19:2 - IsiZulu 2020

2 UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJehu, indodana kaHanani umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Usiza yini ababi, uthanda abamzondayo uJehova na? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Kumelwe usize ababi, uthande labo abazonda uJehova na?” ngalokho intukuthelo yehlela phezu kwakho ivela ebusweni bukaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 19:2
40 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izwi likaSimakade lafika kuJehu, indodana kaHanani, limelene noBhahasha, lathi:


UZimri wayishaya wayibhuqa yonke indlu kaBhahasha njengokwezwi uSimakade ayelikhulume kuBhahasha ngomlomo kaJehu umphrofethi,


Izwi likaSimakade lafika ngoJehu, indodana kaHanani umphrofethi, mayelana noBhahasha nendlu yakhe, ngenxa yabo bonke ububi ayebenze phambi kukaSimakade ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobhowamu ayiqothula.


Kepha-ke akubanga bikho omunye owafana no-Ahabi owazithengisa, wenza okubi phambi kukaSimakade, edudwa nguJezebheli, umkakhe.


UJehoshafathi wadala ukuthula nenkosi yakwa-Israyeli.


Ngaleso sikhathi kwafika uHanani, umboni ku-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngenxa yokuba manje uthembele enkosini yase-Aramu, awuthembelanga kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngakho-ke impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.


UJehoshafathi wayenengcebo nodumo olukhulu, waba nobuhlobo no-Ahabi ngokuganiselana.


Inkosi yakwa-Israyeli noJehoshafathi, inkosi yakwaJuda, base benyukela eRamathi Gileyadi.


U-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, wathi kuJehoshafathi, inkosi yakwaJuda: “Uyakuhamba nami yini, siye eRamothi Gileyadi na?” Wathi kuye: “Mina nginjengawe, nabantu bami banjengabantu bakho; siyakuba nawe empini.”


Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafathi: “Kukhona umuntu oyedwa vo esingabuza ngaye kuSimakade, kodwa ngiyamzonda, akaphrofethi lutho oluhle ngami, kepha okubi njalo. NguMikhaya, indodana kaJimila.” UJehoshafathi wathi enkosini: “Inkosi mayingasho kanjalo.”


UJehoshafathi, inkosi yakwaJuda, waphindela emuva esigodlweni sakhe eJerusalema, ephephile.


Wonke amacala afika kini evela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezehlulelo, niyakubaxwayisa ngawo ukuba bangabi nacala kuSikamade, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu. Niyokwenza kanjalo, ningabi nacala.


Ezinye izindaba zikaJehoshafathi, ezakuqala nezakamuva; bheka, zilotshiwe ezindabeni zikaJehu, indodana kaHanani, ezifakwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli.


Bayishiya indlu kaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, bakhonza o-Ashera nezithombe; intukuthelo kaSimakade yehlela uJuda neJerusalema ngenxa yalokho.


Bamelana nenkosi u-Uziya, bathi kuyo: “Awufanele ngokwakho, Uziya, ukushisela uSimakade impepho; lokho kungokwabaphristi, abangamadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho. Phuma endaweni engcwele, ngokuba wenze okubi; awuyukufumana ludumo oluvela kuSimakade uNkulunkulu.”


UHezekiya akenzanga okuhle njengoba ayenzelwe okuhle, waphakama enhliziyweni yakhe, ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwaba phezu kwakhe nakuJuda neJerusalema.


obenyanyayo abanengekayo, kepha ebazisa abesaba uSimakade; owenza isifungo asigcine, noma isimo singamvumeli;


Isandla sakho siyozifumana zonke izitha zakho; esokunene sakho sibathole abakuzondayo.


Makavuke uNkulunkulu, izitha zakhe zihlakazeke, labo abamzondayo babaleke phambi kwakhe.


Umlomo wami uzolanda ngokulunga kwakho nensindiso yakho usuku lonke, ngokuba anginakukubala.


Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


U-Amose waphendula wathi ku-Amaziya: “Angiyena umphrofethi mina, futhi angiyona indodana yomphrofethi, kodwa ngangingumelusi nomlimi wemithombe.


“Uma izwe linizonda, yazini ukuthi langizonda ngaphambi kwenu.


Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambuliwe, ivela ezulwini, phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi kwabo;


Banyembenya abanye, bazonda uNkulunkulu; bayizidlova, bayazidla, bayazigabisa, bangabaqambi bokubi, nabangabalaleli abazali;


Bathi nakuba bezazi izimiso ezilungileyo zikaNkulunkulu zokuthi abenza lezi zinto bafanele ukufa, kabagcinanga nje ngokuzenza, kodwa babuye bavuna labo abazenzayo.


Ngokuba ukucabanga komuntu esenyameni kungubutha kuNkulunkulu, lokhu akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi akusoze kwawuthobela,


Ningahlanganyeli emisebenzini yobumnyama engenazithelo, kodwa kunalokho niyidalule,


Uma ngilola inkemba yami ebengezelayo, isandla sami sibambelele ekwehluleleni, ngiyophenduka ngiphindisele kwabamelene nami, ngiphindisele kwabangizondayo.’ ”


Busisa, Simakade, amandla akhe, uyamukele nemisebenzi yezandla zakhe. Labo abamvukelayo bafihlize izinkalo zabo, nezalabo abamzondayo, ukuze bangaphindi bavuke.


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngijezisela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


ophindiselayo kwabamzondayo, ababhubhise; akayukulibala kulowo omzondayo, uyakuphindisela kuye.


Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu.


Inceku yathi, kudala kwa-Israyeli noma ngubani owayeya ukuyobuza kuNkulunkulu, wayethi: “Woza siye kumboni.” Ngokuba lowo okuthiwa ngumphrofethi manje kuqala wayebizwa ngomboni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ