Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 19:11 - IsiZulu 2020

11 “Bheka, u-Amariya, umphristi, nguye onengamele nazo zonke izindaba zikaSimakade. UZebadiya, indodana ka-Ishmayeli, umholi wendlu yakwaJuda, uyokwengamela zonke izindaba eziqondene nenkosi. AbaLevi bayakuba yizikhulu eziniholayo. Yenzani ngesibindi, uSimakade uyakuba nabalungileyo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Bheka, u-Amariya umpristi omkhulu uphezu kwenu kuzo zonke izindaba zikaJehova, noZebadiya indodana ka-Ishmayeli, umbusi wendlu yakwaJuda, kuzo zonke izindaba zenkosi; namaLevi ayakuba yizinduna ngaphambi kwenu. Yibani namandla ekwenzeni kwenu, uJehova uyakuba nabalungileyo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Bhekani, umpristi omkhulu u-Amariya uphezu kwenu kuzo zonke izindaba zikaJehova; noZebadiya indodana ka-Ishmayeli, umbusi wendlu yakwaJuda, kuzo zonke izindaba zenkosi; namaLevi ayakuba phambi kwakho. Yiba nesibindi, futhi uJehova uyakuba nabahle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 19:11
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Manje-ke, ndodana yami, uSimakade makabe nawe, ube nempumelelo, umakhele indlu kaSimakade uNkulunkulu wakho njengolokhu akhuluma kuwe.


eyegolide, eyesiliva, eyethusi, neyensimbi, okungenakubalwa; suka usebenze; uSimakade abe nawe.”


Ngakho-ke nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu, nifune uSimakade uNkulunkulu wenu. Sukani nakhe indawo engcwele kaSimakade uNkulunkulu, ukuze kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu kuleyo ndlu eyokwakhelwa igama likaSimakade.”


KumaHebhroni, uHashabhiya nabafowabo, bengamaqhawe anamandla ayi-1 700, futhi bengababonisi kwa-Israyeli, phesheya kweJordani entshonalanga. Bengababonisi emsebenzini wonke kaSimakade nasezinkonzweni zenkosi.


Abafowabo, amaqhawe anamandla, babeyizi-2 700, izinhloko zoyise ezenziwa ababonisi abaphethe kwaRubeni, kwaGadi, nasengxenyeni yesizwana sakwaManase. Babephethe ezindabeni zonke zikaNkulunkulu, nasezindabeni zenkosi.


UDavide wayesethi kuSolomoni, indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, wenze lokhu. Ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wami, unawe. Akayukukuyeka, akayukukushiya, uze uphele wonke umsebenzi wokwakha le ndlu kaSimakade.


U-Azariya wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi.


u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.


Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo.”


Wathi kubehluleli: “Kubhekisiseni enikwenzayo, ngokuba anihluleleli abantu, kodwa uNkulunkulu onani ekwehluleleni.


NaseJerusalema, uJehoshafathi wabeka abanye babaLevi nabaphristi, nezinye zezinhloko zoyise bakwa-Israyeli ukuze behlulele egameni likaSimakade, bathethe amacala. Babuyela eJerusalema.


ka-Abhishuwa, kaFinehasi, ka-Eleyazari, ka-Aroni, umphristi omkhulu,


Umuntu omuhle unomusa, uyatshelekisa, izindaba zakhe uzisingatha ngobulungiswa.


USimakade uyaziqinisa izinyathelo zomuntu lapho eyithanda indlela yakhe.


ukuze bahambe ezindleleni zabahle, bagcine izindlela zabalungileyo,


Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze ngemikhondo yasemandulo ukuthi ikuphi indlela enhle, nihambe kuyo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu, kepha, bathi: ‘Asiyukuhamba kuyo.’


Phela izindebe zomphristi kufanele zilondoloze ulwazi; abantu kumele bafune imfundiso emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaSimakade Wamabandla.


Kwakukhona indoda igama layo kunguJosefa, iyilungu lomphakathi, iqotho, futhi ilungile.


Wayeyindoda elungile, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.


Lindani, nime niqinile ekukholweni, nime isibindi, nibe namandla.


Ngakho-ke wena mntanami, qina emseni okuKhristu uJesu.


Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.


Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ