Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 18:9 - IsiZulu 2020

9 Inkosi yakwa-Israyeli noJehoshafathi inkosi yakwaJuda babehleli, yilowo nalowo esihlalweni sakhe sobukhosi. Babembethe izembatho zabo, behleli esibuyeni esisesikhaleni sesango eSamariya. Bonke abaphrofethi babephrofetha phambi kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Inkosi yakwa-Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda babehlezi, kwaba yilowo nalowo esihlalweni sakhe sobukhosi, bembethe izambatho zabo, behlezi esibuyeni ngasesikhaleni sesango laseSamariya; bonke abaprofethi baprofetha phambi kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Inkosi yakwa-Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda babeka omunye wabo esihlalweni sakhe sobukhosi, bembethe izingubo zabo, bahlala endaweni eyize ekungeneni kwesango laseSamariya; bonke abaprofethi baprofetha phambi kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 18:9
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UZedekiya, indodana kaKhenahana, wayezenzele izimpondo zensimbi, wathi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngalezi zimpondo uyakuwagwaza ama-Aramu uwabhubhise aze aphele nya.’ ”


Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafathi: “Mina ngizozifihla ngiye ngilwe, kepha wena yembatha izembatho zakho.” Inkosi yakwa-Israyeli yayisizifihla, yahamba yayokulwa.


Inkosi yakwa-Israyeli yayisibiza enye yezinduna, yathi: “Phuthuma ulande uMikhaya, indodana kaJimila.”


Indawo yabafileyo phansi inyakazisiwe ukuba ikuhlangabeze uma ufika kuyo, ikuvusele izithunzi zazo zonke izikhulu zomhlaba, isukumise wonke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi.


Zonke izikhulu zamazwe agudle ulwandle, ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi, ziyishiye phansi imijiva yazo, zikhumule izingubo zazo ezifekethisiweyo, bese zembatha ukuthuthumela, zihlale emhlabathini, zithuthumele njalo, futhi zimangale ngawe.


“Kuthe ngisabuka, kwase kubekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku. Izembatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, izinwele ekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo. Isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo.


Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinofonofo na? Phela abembethe ezinofonofo basezindlini zamakhosi.


UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: nina eningilandelayo, ezweni elisha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi ezili-12, nehlulele izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.


kepha ngithi kini: noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.


UBhowazi wenyukela esangweni, wahlala khona; uyabona-ke, kwedlula umhlengi ayekade ekhulume ngaye, wayesethi kuye: “Ake uze ngapha, mnewethu, uhlale phansi.” Waya kuye, wahlala phansi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ