Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 18:31 - IsiZulu 2020

31 Kwathi lapho izinduna zezinqola zimbona uJehoshafathi, zathi: “Lo yinkosi yakwa-Israyeli.” Zaphambuka ukuba zilwe nayo, kepha uJehoshafathi wamemeza, uSimakade wamsiza. UNkulunkulu wabasusa kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati, zathi: “Yena uyinkosi yakwa-Israyeli;” zase ziphenduka ukuba zilwe nayo, kepha uJehoshafati wamemeza, uJehova wamsiza; uNkulunkulu wazimukisa kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Lapho izinduna zezinqola zibona uJehoshafati zathi: “Lo uyinkosi yakwa-Israyeli.” Bamhaqa ukulwa, kepha uJehoshafati wakhala, uJehova wamsiza; uNkulunkulu wabancenga ukuthi basuke kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 18:31
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngesikhathi ethola usizo lokulwa nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngoba ayemethemba.


Lapho abakwaJuda bebheka emuva; bheka, kwakukhona amabutho phambi kwabo nasemuva kwabo. Bakhala kuSimakade, abaphristi bashaya amacilongo.


Abantu bakwaJuda base benza isaho, bekhuza iziqubulo zempi, kwathi lapho abakwaJuda bekhamuluka, uNkulunkulu washaya uJerobhowamu no-Israyeli wonke phambi kuka-Abhiya noJuda.


U-Asa wakhala kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, akekho ngaphandle kwakho ongasiza nongenamandla phakathi kwabaningi. Sisize, Simakade Nkulunkulu wethu, ngokuba sethembele kuwe, siphumile egameni lakho ukuzobhekana nalolu quqaba. Simakade, Wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”


Inkosi yase-Aramu yayizidonse ngendlebe izinduna zezinqola zayo, yathi: “Ningalwi namuntu noma ngomncane noma ngomdala, kodwa nenkosi yakwa-Israyeli kuphela.”


Kwathi izinduna zezinqola sezibonile ukuthi akasiyo inkosi yakwa-Israyeli, zabuya ekumlandeleni.


UNkulunkulu wamsiza kumaFilisti, nakwabase-Arabhiya ababehlala eGuri Bhari nakumaMehuni.


Ngonyaka wokuqala kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kugcwaliseke izwi likaSimakade alikhuluma ngoJeremiya, uSimakade wavusa umoya kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, yase ishaya umthetho kuwo wonke umbuso wayo, yakhipha isimemezelo esibhaliweyo, esasithi:


Makadunyiswe uSimakade, uNkulunkulu wokhokho bethu, obeke into enje enhliziyweni yenkosi, ukuba ihlobise indlu kaSimakade eJerusalema ngale ndlela,


Nkosi, ake ubeke indlebe yakho emthandazweni wenceku yakho nasemithandazweni yezinceku zakho ezikuthokozelayo ukudumisa iGama lakho. Iphumelelise inceku yakho namuhla, uyiphe umusa phambi kwalo muntu.” Ngaleso sikhathi ngangingumphathindebe wenkosi.


Ungihlohlolozile ukuze ngiwe, kodwa uSimakade uyangisiza.


Ingelosi kaSimakade ikanisa nxazonke kulabo abamesabayo, ibakhulule.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


KuNkulunkulu, engiyakulidumisa izwi lakhe, kuSimakade, engiyakulidumisa izwi lakhe.


Ukuba uSimakade ubengesilo usizo lwami, umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala endaweni yabafileyo.


Kwathi lapho uFaro esesondela, abantu bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo bababona abaseGibhithe bebalandela, besaba kakhulu abantu bakwa-Israyeli, base bekhala kuSimakade.


Lapho uSimakade ethokozile ngezindlela zomuntu, wenza izitha zakhe zihlalisane ngokuthula naye.


Inhliziyo yenkosi injengemifula yamanzi esandleni sikaSimakade, uyiphendula iye noma kuphi lapho ethanda khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ