Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 18:2 - IsiZulu 2020

2 Ngasekugcineni kweminyaka ethile, wehlela eSamariya ku-Ahabi. U-Ahabi wamhlabisa, yena nabantu ababenaye, izimvu nezinkabi eziningi, wamncenga ukuba akhuphuke ahlasele iRamothi Gileyadi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngasekugcineni kweminyaka ethile wehlela ku-Ahabi eSamariya. U-Ahabi wamhlabela yena nabantu ababenaye izimvu nezinkabi eziningi, wamncenga ukuba akhuphukele eRamoti Gileyadi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwathi emva kweminyaka eminengi waya ku-Ahabi eSamariya. U-Ahabi wamhlabela yena nabantu ababe naye izimvu nezinkomo ngemihlambi, wamncenga ukuba akhuphuke naye eRamoti kwaGileyadi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 18:2
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Adoniya wahlaba izimvu, izinkabi namathole akhuluphalisiweyo ngasetsheni eZohelethi, eceleni kwe-Eni Rogeli. Wamema bonke abafowabo, amadodana enkosi, abantu bonke bakwaJuda, izinceku zenkosi,


Kwathi ngokuhamba kwezinsuku, umfudlana washa, ngokuba kwakungekho mvula ezweni.


uBheni Gebheri eRamothi Gileyadi, okwakungeyakhe imizi kaJayire, indodana kaManase ekwaGileyadi, ne-Arigobi eliseBhashani, imizi engama-60 enezingange nemigoqo yethusi;


U-Elisha, umphrofethi, wabiza enye yamadodana abaphrofethi, wathi kuyo: “Bhinca ingubo yakho okhalo, uthathe lo mfuma wamafutha ngesandla, uye eRamothi Gileyadi.


U-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, wathi kuJehoshafathi, inkosi yakwaJuda: “Uyakuhamba nami yini, siye eRamothi Gileyadi na?” Wathi kuye: “Mina nginjengawe, nabantu bami banjengabantu bakho; siyakuba nawe empini.”


UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho.


Ngaleso sikhathi ngangingekho eJerusalema, ngokuba ngonyaka wama-32 wokubusa kuka-Arithahishashitha, ngabuyela kuye ngayombikela ngokwakwenzekile. Emuva kwesikhathi ngacela imvume enkosini,


iBhezeri elisehlane ezweni eliyithafa libe ngelabakwaRubeni, iRamothi ekwaGileyadi ibe ngeyabakwaGadi, neGolanu eseBhashani ibe ngeyabakwaManase.


Phesheya kweJordani ngasempumalanga yeJerikho, behlukanisa iBhezeri esehlane lethafa lesizwana sakwaRubeni, iRamothi kwaGileyadi esizwaneni sakwaGadi, neGolamu eBhashani esizwaneni sakwaManase.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ